Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 1:16 - Contemporary Zulu Bible 2024

16 Ekugcwaleni kwakhe samukele sonke umusa phezu komusa.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Ngokuba ekugcwaleni kwakhe samukele sonke umusa phezu komusa.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

16 Ngokuba ekugcwaleni kwakhe, sonke samukele umusa phezu komusa.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

16 Ekugcwaleni kwakhe samukele sonke umusa phezu komusa.

Gade chapit la Kopi




Johane 1:16
24 Referans Kwoze  

Ngokuba kwamthokozisa uBaba ukuthi ukugcwala konke kuhlale kuye;


okungaye futhi sinokungena ngokholo kulo musa esimi kuwo, sizibonga ethembeni lenkazimulo kaNkulunkulu.


Nokwazi uthando lukaKristu oludlula ukwazi, ukuze nigcwaliswe ngakho konke ukugcwala kukaNkulunkulu.


Ongumzimba wakhe, ukugcwala kwakhe ogcwalisa konke kukho konke.


Ngokuba uma ngesiphambeko somuntu oyedwa ukufa kwabusa ngalowo munye; kakhulukazi abemukela ukuvama komusa nokwesipho sokulunga bayakubusa ekuphileni ngalowo munye, uJesu Kristu.


Ngokuba lowo uNkulunkulu amthumileyo ukhuluma amazwi kaNkulunkulu, ngokuba uNkulunkulu akamniki uMoya ngesilinganiso.


ngokokwazi ngaphambili kukaNkulunkulu uBaba ngokungcweliswa kukaMoya, kube ekulaleleni nasekufafazweni kwegazi likaJesu Kristu: Makwandiswe kini umusa nokuthula.


Ngokuba yilowo nalowo onakho uyakuphiwa, abe nokuchichima; kepha ongenakho uyakwamukwa nalokho anakho.


okufihlwe kuye yonke ingcebo yokuhlakanipha nolwazi.


Kepha nina anisenyameni, kodwa nikuMoya, uma uMoya kaNkulunkulu ehlala kini. Kepha uma umuntu engenaye uMoya kaKristu, lowo kasiye owakhe.


Ngokuba ngiyakuninika umlomo nokuhlakanipha, abangayikuphika noma ukumelana nabo bonke abamelene nani.


Kodwa uJohane wamalela, esithi: Mina ngiswela ukubhabhathizwa nguwe, kanti wena uza kimi yini?


Mina nginibhapathiza ngamanzi kukho ukuphenduka; kepha ozayo emva kwami unamandla kunami, engingafanele ukuthwala izicathulo zakhe;


Ungubani wena ntaba enkulu? phambi kukaZerubabele uyakuba yithafa, akhiphe itshe lengcwaba lakhe ngokumemeza, amemeze, athi: “Musa, hawu!


behlolisisa ukuthi yisiphi, loba esinjani isikhathi uMoya kaKristu owayekubo, efakaza ngaphambili ngenhlupheko zikaKristu, lenkazimulo eyayiza kulandela.


Futhi umthetho wangena, ukuze isiphambeko sande. Kepha lapho kwavama khona isono, umusa wavama kakhulukazi;


Baqhubeka bekhula ngamandla, yilowo nalowo eSiyoni ubonakala phambi kukaNkulunkulu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite