Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 9:16 - Contemporary Zulu Bible 2024

16 Ngokuba mina ngiyakumbonisa ukuthi kungakanani omelwe ukuhlupheka ngakho ngenxa yegama lami.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 ngokuba mina ngizakumbonisa konke amelwe ukuhlushwa ngakho ngenxa yegama lami.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

16 Ngokuba ngizakumbonisa ukuthi kumele ahlupheke kangakanani ngenxa yegama lami.”

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

16 Ngokuba mina ngiyakumbonisa ukuthi kungakanani omelwe ukuhlupheka ngakho ngenxa yegama lami.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 9:16
22 Referans Kwoze  

ukuze kungabikho muntu onyakaziswa yilezi zinhlupheko, ngokuba niyazi nina ukuthi simiselwe zona.


Kwathi esefikile kithi, wathatha ibhande likaPawuli, wazibopha izandla lenyawo, wathi: Utsho njalo uMoya oNgcwele, ngokunjalo abaJuda eJerusalema bazabopha indoda ephethe lelibhanti, njalo bazamnikela ejele izandla zabezizwe.


Kodwa kukho konke sizibonakalisa njengezikhonzi zikaNkulunkulu ngokubekezela okukhulu, ezinhluphekweni, ebunzimeni, ekucindezelweni,


Khumbulani izwi engalikhuluma kini: Inceku ayinkulu kunenkosi yayo. Uma bengizingele mina, nani bayakunizingela; uma beligcinile izwi lami, bayakuligcina nelenu.


Uma nihlanjalazwa ngenxa yegama likaKristu, nibusisiwe; ngokuba uMoya wenkazimulo nokaNkulunkulu uhlezi phezu kwenu;


Ngenxa yalokhu lami ngihlupheka ngalezizinto, kodwa kangilanhloni, ngoba ngiyamazi engikholiweyo, njalo ngiqinisekile ukuthi ulamandla okulondoloza lokho engikubeke kuye kuze kufike lolosuku.


Nibusisiwe, nxa benithuka, benizingela, bekhuluma konke okubi ngani, beqamba amanga ngenxa yami.


Khona bayakunikhaphela osizini, banibulale; niyakuzondwa yizizwe zonke ngenxa yegama lami.


Ukushushiswa, nezinhlupheko, eza kimi e-Antiyokiya, e-Ikoniyu, eListra; ukuzingelwa okungaka ngakubekezelela, kepha iNkosi yangikhulula kukho konke.


Safumana abafundi, sahlala khona izinsuku eziyisikhombisa; bona bathi kuPawulu ngoMoya angenyukeli eJerusalema.


Mina Johane, nongumfowenu, nomhlanganyeli wenu osizini, embusweni nasekubekezeleni kukaJesu Kristu, ngangisesiqhingini esithiwa iPhatmose ngenxa yezwi likaNkulunkulu nangenxa yobufakazi bukaJesu Kristu.


nalapha unegunya kubapristi abakhulu lokubopha bonke ababiza igama lakho.


Maye kinina eniphangayo, ningaphangwa; futhi benza ngokukhohlisa, futhi abazange bakhohlise kuwe! uma uyeka ukuphanga, niyakuba yimpango; futhi uma uyeka ukwenza ngokungathembeki, bayokwenza ngokungathembeki kuwe.


Ethuthumela emangala wathi: “Nkosi, uthanda ukuba ngenzeni na? INkosi yasisithi kuye: Sukuma uye emzini, njalo uzatshelwa ofanele ukwenze.


beqinisa imiphefumulo yabafundi, bebakhuthaza ukuthi bahlale ekukholweni, lokuthi simelwe ukungena embusweni kaNkulunkulu ngokuhlupheka okukhulu.


UPawuli wasephendula wathi: Litshoni ukukhala lichoboza inhliziyo yami? ngoba mina angilungele ukubotshwa kuphela, kodwa lokufa eJerusalema ngenxa yebizo leNkosi uJesu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite