Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 8:39 - Contemporary Zulu Bible 2024

39 Sebekhuphukile emanzini, uMoya weNkosi wamhlwitha uFiliphu, umthenwa akabe esambona, kodwa wahamba ngendlela yakhe ethokoza.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

39 Kwathi sebekhuphukile emanzini, uMoya weNkosi wamhlwitha uFiliphu, umthenwa akabe esambona, kodwa wahamba ngendlela yakhe ethokoza.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

39 Kuthe sebephumile emanzini, uMoya weNkosi wamhlwitha uFiliphu, umthenwa akabe esambona, kodwa waqhubeka nohambo lwakhe ethokozile.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

39 Sebekhuphukile emanzini, uMoya weNkosi wamhlwitha uFiliphu, umthenwa akabe esambona, kodwa wahamba ngendlela yakhe ethokoza.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 8:39
29 Referans Kwoze  

Futhi lapho nje ngisuka kuwe, uMoya kaJehova uzokuyisa lapho engingazi khona; uma ngifika ngitshele u-Ahabi, angakufumani, uyakungibulala; kepha mina, inceku yakho, ngiyamesaba uJehova kwasebusheni bami.


Bathi kuye: “Bheka, kukhona amadoda anamandla angamashumi ayisihlanu kanye nezinceku zakho; mawahambe ayofuna inkosi yakho, funa uMoya kaJehova ungenyuswanga wayiphonsa entabeni ethile noma esigodini esithile. Wathi: “Awunakuthuma.”


Ngemva kwalokho uMoya wangiphakamisa wangisa embonweni ngoMoya kaNkulunkulu eKhalediya ezibotshwa. Ngakho umbono engawubonayo wenyuka usuka kimi.


Welula okunjengesandla, wangibamba ngesihluthu sekhanda lami; uMoya wangiphakamisa phakathi komhlaba nezulu, wangiyisa phambi kukaNkulunkulu eJerusalema, ekungeneni kwesango elingaphakathi elibheke enyakatho; sasikuphi isihlalo sesithombe somona, esizala umona.


UMoya wangiphakamisa, wangisa egcekeni elingaphakathi; bheka, inkazimulo kaJehova yagcwalisa indlu.


UMoya wangiphakamisa, wangiyisa esangweni lendlu kaJehova elisempumalanga, elibheke ngasempumalanga; phakathi kwabo ngabona uJahashaniya indodana ka-Ashuri noPhelathiya indodana kaBenaya, abaholi babantu.


Wathi ekhuphuka ephuma emanzini, wabona izulu livulekile, noMoya ehlela phezu kwakhe njengejuba.


Ngokuba singabokusoka thina esikhonza ngoMoya kaNkulunkulu, sizibonga kuKristu Jesu, singathembi enyameni.


Kepha manje niyazibonga ngokuzigabisa kwenu; konke ukuzibonga okunjalo kubi.


Jabulani eNkosini njalonjalo; ngiyaphinda ngithi: Jabulani.


okungaye futhi sinokungena ngokholo kulo musa esimi kuwo, sizibonga ethembeni lenkazimulo kaNkulunkulu.


Kepha abafundi bagcwala intokozo nangoMoya oNgcwele.


Kwaba khona intokozo enkulu kulowo muzi.


Futhi umbuso wezulu ufana nengcebo efihlwe ensimini; okuthi lapho umuntu eseyitholile, wayifihla, futhi ngenxa yokujabula kwayo wahamba wathengisa ngakho konke anakho, wayithenga leyo nsimu.


UJesu esebhapathiziwe wahle wakhuphuka emanzini;


Ngizakwethaba kakhulu kuJehova, umphefumulo wami uzakwethaba ngoNkulunkulu wami; ngoba ungigqokise izembatho zensindiso, wangembesa ngesambatho sokulunga, njengomyeni ehloba ngezivunulo, lanjengomakoti ezihloba ngobucwebe bakhe.


Ngidle ifa lobufakazi bakho kuze kube phakade, ngokuba kungukuthokoza kwenhliziyo yami.


Ngiyathokoza ngendlela yobufakazi bakho njengengcebo yonke.


Wabangenisa endlini yakhe, wababekela ukudla, wathokoza kanye nendlu yakhe yonke ngokukholwa nguNkulunkulu.


Isandla sikaJehova sasiphezu kwami, sangikhipha ngoMoya kaJehova, sangibeka esigodini esigcwele amathambo;


UMoya wayesethi kuFiliphu: “Sondela, unamathele kule nqola;


Wayala ukuba inqola ime; behla bobabili emanzini, uFiliphu nomthenwa; wasembhabhathiza.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite