Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 4:32 - Contemporary Zulu Bible 2024

32 Kepha isixuku sabakholwayo sasinhliziyonye nomphefumulo munye; kodwa bahlanganyela zonke izinto.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

32 Isixuku sabakholwayo sasinhliziyonye nomphefumulo munye; akwabakho noyedwa owasho ngezimpahla zakhe ukuthi ngezakhe, kodwa bakuhlanganyela konke.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

32 Isixuku sabakholwayo sasinhliziyonye namphefumulo munye, akubanga bikho noyedwa owathi ngempahla yakhe, ingeyakhe, kodwa bahlanganyela kukho konke.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

32 Kepha isixuku sabakholwayo sasinhliziyonye nomphefumulo munye; kodwa bahlanganyela zonke izinto.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 4:32
21 Referans Kwoze  

Kepha ngiyanincenga, bazalwane, ngegama leNkosi yethu uJesu Kristu ukuba nikhulume nto-nye nonke, kungabikho ukwahlukana phakathi kwenu; kodwa ukuze nihlanganiswe ngokugcwele emqondweni munye nasekuboneni kunye.


Elokugcina manibe nomqondo munye nonke, nihawukelane, nithandane njengabazalwane, nihawukele, nibe nomusa;


Ekugcineni, bazalwane, salani kahle. Niphelele, niduduzeke, nibe nhliziyonye, nihlale ngokuthula; futhi uNkulunkulu wothando nokuthula uyakuba nani.


Ngizabanika inhliziyo eyodwa lendlelanye, ukuze bangesabe kuze kube nininini, kube yinzuzo yabo leyabantwana babo emva kwabo.


Selufikile usuku lwePhentekoste, babendawonye bonke nganhliziyonye.


Kuphela ukuhamba kwenu makube njengokufanele ivangeli likaKristu, ukuze kuthi noma ngiza nginibona, noma ngingekho, ngizwe izindaba zenu, ukuthi nime niqinile emoyeni munye, nganhliziyonye nilwela ukukholwa kweNkosi ivangeli;


Labo bonke baqinisela nganhliziyonye ekukhulekeni nasekunxuseni, kanye nabesifazane, noMariya unina kaJesu, nabafowabo.


Kalokhu angisekho ezweni, kepha bona basezweni, mina ngiza kuwe. Baba oNgcwele, bagcine egameni lakho labo onginike bona, ukuze babe munye, njengathi.


Futhi kwaJuda kwakukhona isandla sikaNkulunkulu ukubanika inhliziyo eyodwa ukwenza umyalo wenkosi nezikhulu ngezwi likaJehova.


Uma umuntu ekhuluma, makakhulume njengokwamazwi kaNkulunkulu; uma umuntu ekhonza, makakhonze ngokwamandla awaphiwa nguNkulunkulu, ukuze uNkulunkulu akhazinyuliswe ezintweni zonke ngoJesu Kristu, makube kuye inkazimulo namandla kuze kube phakade naphakade. Amen.


Kanjalo thina esibaningi singumzimba munye kuKristu, futhi wonke amalungu omunye komunye.


Ngezandla zabaphostoli kwenziwa izibonakaliso nezimangaliso eziningi phakathi kwabantu; bonke babe nganhliziyonye ekhulusini likaSolomoni.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite