Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 4:28 - Contemporary Zulu Bible 2024

28 ukuba ngenze konke esakumisela ngaphambili isandla sakho namasu akho ukuba kwenziwe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

28 ukuzakukwenza lokho okumiswe ngaphambili yisandla necebo lakho ukuba kwenzeke.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

28 ukufeza lokho owawuyimisele ukuba ikwenze kwaphambilini, ngesandla nangecebo lakho ukuba kwenzeke.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

28 ukuba ngenze konke esakumisela ngaphambili isandla sakho namasu akho ukuba kwenziwe.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 4:28
21 Referans Kwoze  

yena esenikelwe ngecebo elimisiweyo nangokwazi kukaNkulunkulu ngaphambili, namthatha, ngezandla zababi nambethela, nambulala;


ngimemezele isiphetho kwasekuqaleni nasendulo izinto ezingakenziwa, nithi: Isiluleko sami siyakuma, ngenze yonke intando yami;


Kepha nina, nangicambela okubi; kepha uNkulunkulu wakuceba kwaba kuhle ukuba kwenziwe, njenganamuhla, ukugcina abantu abaningi bephila.


INdodana yomuntu iyamuka njengokulotshiweyo ngayo, kepha maye kulowo muntu iNdodana yomuntu ekhashelwa ngaye! ngabe kwaba kuhle kulowomuntu ukuba wayengazalwanga.


Kodwa lokho uNkulunkulu akumemezela ngaphambili ngomlomo wabaprofethi bakhe bonke ukuthi uKristu wayezakuhlupheka, ukugcwalisile ngokunjalo.


Kepha kwaba kuhle kuJehova ukumchoboza; waba lusizi; uma unikela umphefumulo wayo ube ngumnikelo wesono, iyakubona inzalo yayo, yandise izinsuku zayo, nokuthakazelelwa nguJehova kuyakuphumelela esandleni sayo.


Ngakho uNkulunkulu, ethanda kakhulu kakhulu ukubonisa izindlalifa zesithembiso ukungaguquleki kwecebo lakhe, wakuqinisa ngesifungo;


kuye futhi sazuza ifa kuye, esamiselwa ngaphambili ngokwenjongo yalowo osebenza zonke izinto ngokwecebo lentando yakhe;


Nempela iNdodana yomuntu iyahamba njengokumisiweyo, kepha maye kulowo muntu ekhashelwa ngaye!


Kodwa ingagcwaliseka njani imibhalo yokuthi kumele kube njalo?


Ngubani owaqondisa uMoya kaJehova, wamfundisa, uma engumeluleki wakhe na?


Nalokhu kuvela kuJehova Sebawoti, omangalisayo ngesiluleko nomkhulu emsebenzini.


Abathi: Kaphangise, awuphangise umsebenzi wakhe, ukuze siwubone; icebo loNgcwele ka-Israyeli malisondele lize, ukuze silazi!


Akukho kuhlakanipha, nokuqonda, nasiluleko esingamelana noJehova.


Impela, ulaka lomuntu luyakudumisa;


Kuye kukhona ukuhlakanipha namandla, uneseluleko nokuqondisisa.


UJehova Sebawoti wafunga wathi: “Impela njengokucabanga kwami kuyakuba njalo; njengalokho ngihlosile, kuyakuma kanjalo;


Kalizwanga yini kudala ukuthi ngakwenza njani lokhu; nasendulo ukuthi ngakubumba na? manje ngikwenzile ukuba uchithe imizi eyinqaba ibe yincithakalo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite