Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 4:21 - Contemporary Zulu Bible 2024

21 Kuthe sebebasongela futhi, babakhulula, bengafumani lutho lokuthi bangabajezisa kanjani ngenxa yabantu, ngokuba bonke babedumisa uNkulunkulu ngalokho okwenzekileyo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Khona sebebalayile futhi babayeka, bengafumananga ukuthi bangabajezisa kanjani ngenxa yabantu, ngokuba bonke bedumisa uNkulunkulu ngalokho okwenzekileyo;

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

21 Sebebesabisile babadedela, ngokuba abazanga ukuthi bazobajesiza kanjani lokhu kwakunabantu, bonke bedumisa uNkulunkulu ngalokho okwakwenzekile.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

21 Kuthe sebebasongela futhi, babakhulula, bengafumani lutho lokuthi bangabajezisa kanjani ngenxa yabantu, ngokuba bonke babedumisa uNkulunkulu ngalokho okwenzekileyo.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 4:21
18 Referans Kwoze  

Khona yahamba induna nezikhonzi, zabaletha kungengamandla, ngokuba besesaba abantu, funa bakhandwe ngamatshe.


Abapristi abakhulu nababhali bafuna ukuthi bangambulala kanjani; ngoba babesaba abantu.


Abapristi abakhulu nababhali bafuna ukumbamba ngaso leso sikhathi; besaba abantu, ngokuba baqonda ukuthi uwukhulume lo mfanekiso ngabo.


Kepha uma sithi: Kubantu; abantu bonke bazosikhanda ngamatshe, ngokuba bakholiwe ukuthi uJohane ungumprofethi.


Kodwa befuna ukumbamba, besaba izixuku, ngoba babethi ungumprofethi.


Kodwa izixuku sezikubona zamangala, zamdumisa uNkulunkulu onikile abantu amandla angaka.


Basebemvumela; sebebabiza abaphostoli, babatshaya, babalaya ukuthi bangakhulumi ngebizo likaJesu, babakhulula.


Kodwa ukuze kungabe kusaqhubeka phakathi kwabantu, kasibasongele ukuthi bangakhulumi kumuntu ngalelibizo.


Eseshilo lokho, bajabha bonke ababemelene naye;


Basebemangala bonke, bamdumisa uNkulunkulu, bagcwala ukwesaba, besithi: Sibone izimanga lamuhla.


Kodwa bathi: Kungabi ngomkhosi, hlezi kube khona isiyaluyalu ebantwini.


baze bamangala izixuku zibona izimungulu zikhuluma, izilima zisindile, izinyonga zihamba, nezimpumputhe zibona, bamdumisa uNkulunkulu ka-Israyeli.


Kuthe idemoni selikhishiwe, isimungulu sakhuluma, izixuku zamangala zathi: “Akuzange kubonwe okunje kwa-Israyeli.


Ngokuba lowo muntu esenziwe kuye lesi sibonakaliso sokuphulukisa wayeneminyaka engaphezu kwamashumi amane.


Kwabanye kakho owaba lesibindi sokuzihlanganisa labo, kodwa abantu babebakhulisa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite