Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 4:1 - Contemporary Zulu Bible 2024

1 Kwathi besakhuluma ebantwini, abapristi lenduna yethempeli labaSadusi beza phezu kwabo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Kepha besakhuluma kubantu, abapristi nenduna yethempeli nabaSadusi babafikela,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 Kwathi besakhuluma nabantu, kwatheleka abaphristi nenduna yethempeli nabaSadusi,

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

1 Kwathi besakhuluma ebantwini, abapristi lenduna yethempeli labaSadusi beza phezu kwabo.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 4:1
20 Referans Kwoze  

Wasuka wahamba, wakhuluma nabapristi abakhulu nezinduna, ukuthi angamkhaphela kanjani kubo.


Basebevusa abantu labadala lababhali, basebesondela kuye, bambamba, bamusa emphakathini;


Khona yahamba induna nezikhonzi, zabaletha kungengamandla, ngokuba besesaba abantu, funa bakhandwe ngamatshe.


Kwathi umpristi omkhulu, nenduna yethempeli, nabapristi abakhulu bezwile lokho, bamangala ngabo ukuthi lokhu kuzokwenzakalani.


Kodwa kwathi ebona abanengi babaFarisi labaSadusi besiza ekubhabhathizeni kwakhe, wathi kubo: Nzalo yezinyoka, ngubani olixwayisile ukubalekela ulaka oluzayo?


Kwabuthana u-Anase umpristi omkhulu, noKayafase, noJohane, no-Aleksandru, nabo bonke ababeyizihlobo zompristi omkhulu, babuthana eJerusalema.


Khona uJudasi esethathe isigaba samabutho nezikhonzi kubapristi abakhulu nabaFarisi, wafika khona nezibani nezibani nezikhali.


Khumbulani izwi engalikhuluma kini: Inceku ayinkulu kunenkosi yayo. Uma bengizingele mina, nani bayakunizingela; uma beligcinile izwi lami, bayakuligcina nelenu.


Ngokunjalo labapristi abakhulu bamklolodela kanye lababhali labadala, bathi:


Kepha abapristi abakhulu namalunga bancenga izixuku ukuba zicele uBaraba, zimbulale uJesu.


Bathuma kuye abafundi babo kanye nabakaHerode, bathi: “Mfundisi, siyazi ukuthi uqinisile, ufundisa indlela kaNkulunkulu ngeqiniso, awukhathali ngamuntu, ngokuba awubheki ubuso babantu.


Base beqonda ukuthi wayengashongo ukuthi baxwaye imvubelo yesinkwa kodwa isifundiso sabaFarisi nabaSadusi.


Lelizwi likaNkulunkulu landa; isibalo sabafundi sanda kakhulu eJerusalema; nesixuku esikhulu sabapristi salalela ukholo.


Kwathi ngolunye lwalezo zinsuku efundisa abantu ethempelini, eshumayela ivangeli, kwafika kuye abapristi abakhulu nababhali kanye namalunga;


Kwasekusukuma umpristi omkhulu labo bonke ababelaye, abangabehlelo labaSadusi, bagcwala ukuthukuthela;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite