Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 3:25 - Contemporary Zulu Bible 2024

25 Nina ningamadodana abaprofethi nawesivumelwano uNkulunkulu asenza nokhokho bethu, ethi ku-Abrahama: ‘Nangenzalo yakho imindeni yonke yomhlaba iyakubusiswa.’

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 Nina ningamadodana abaprofethi nawesivumelwano uNkulunkulu asenzayo nawoyihlo, ethi ku-Abrahama: ‘Ngenzalo yakho iyakubusiswa imindeni yonke yomhlaba.’

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

25 Nina ningamadodana abaphrofethi nawesivumelwano uNkulunkulu asenza kokhokho benu, ethi ku-Abhrahama: ‘Ngolibo lwakho, iyakubusiswa imindeni yonke yomhlaba.’

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

25 Nina ningamadodana abaprofethi nawesivumelwano uNkulunkulu asenza nokhokho bethu, ethi ku-Abrahama: ‘Nangenzalo yakho imindeni yonke yomhlaba iyakubusiswa.’

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 3:25
30 Referans Kwoze  

Ngenzalo yakho zonke izizwe zomhlaba ziyobusiswa; ngoba ulilalele ilizwi lami.


Ngokuba isithembiso ngesenu, nesabantwana benu, nesabo bonke abakude, bonke iNkosi uNkulunkulu wethu eyakubabiza.


Umbhalo ubona ngaphambili ukuthi uNkulunkulu uzakulungisisa abezizwe ngokukholwa, walitshumayela ngaphambili ivangeli kuAbrahama, lokuthi: Izizwe zonke zizabusiswa ngawe.


Wasiqinisa kuJakobe saba ngumthetho naku-Israyeli njengesivumelwano esiphakade;


Ngiyakubusisa okubusisayo, ngiqalekise okuqalekisayo; futhi ziyobusiswa ngawe zonke izizukulwane zomhlaba.


Emva kwalokho ngabona, bheka, isixuku esikhulu ebesingenakubalwa muntu, siphuma kuzo zonke izizwe, nemindeni, nabantu, nezilimi, simi phambi kwesihlalo sobukhosi naphambi kweWundlu, sembethe izingubo ezimhlophe, namasundu embethe izingubo ezimhlophe izandla zabo;


Manje izithembiso zenziwa ku-Abrahama nasenzalweni yakhe. Akasho ukuthi: Nasezinzalweni, kungathi ngeziningi; kodwa kungathi ngeyodwa: Nasenzalweni yakho enguKristu.


Ngokuba isithembiso sokuthi uyakuba yindlalifa yezwe asifikanga ku-Abrahama nenzalo yakhe ngomthetho, kodwa ngokulunga kokukholwa.


Uma ningabakaKristu, niyinzalo ka-Abrahama, niyizindlalifa ngokwesithembiso.


Yonke imikhawulo yomhlaba iyokukhumbula futhi iphendukele kuJehova, futhi yonke imindeni yezizwe iyakukhuleka phambi kwakho.


Wamisa inhliziyo yakhe ngokwethembeka phambi kwenu, wenza isivumelwano naye sokulinika izwe lamaKhanani, namaHeti, nama-Amori, namaPherizi, namaJebusi, namaGirigashi, ukulinika inzalo yakhe, wagcwalisa amazwi akho; ngoba wena ulungile.


Futhi inzalo yakho iyoba njengothuli lomhlaba, futhi uyosakazekela entshonalanga, nasempumalanga, nasenyakatho, naseningizimu; futhi ziyakubusiswa kuwe nangenzalo yakho zonke izizukulwane zomhlaba.


Ngiyakwenza inzalo yakho yande ibe ngangezinkanyezi zezulu, nginike inzalo yakho onke lawa mazwe; nangenzalo yakho ziyakubusiswa izizwe zonke zomhlaba;


Manje buyisela indoda leyo umkayo; ngokuba ungumprofethi, uyakunikhulekela, niphile.


UNkulunkulu wathi: Impela umkakho uSara uzakukuzalela indodana; uyakuqamba igama layo ngokuthi u-Isaka, ngimise isivumelwano sami naye, sibe yisivumelwano esiphakade nenzalo yakhe emva kwakhe.


Ngase ngibona enye ingelosi indiza emkhathini wezulu, inevangeli laphakade ukubalishumayele kwabakhileyo emhlabeni, nakuzo zonke izizwe, nemindeni, nezilimi, nabantu;


Bahlabelela isihlabelelo esisha, bethi: Ufanele ukuyithatha incwadi nokuvula izimpawu zayo, ngokuba wahlatshwa, wasihlengela uNkulunkulu ngegazi lakho abavela kuzo zonke izizwe, nezilimi, nabantu, isizwe;


Kepha ngithi uJesu Kristu waba yisikhonzi sokusoka ngenxa yeqiniso likaNkulunkulu, ukuze aqinise izithembiso zabobaba;


Madoda, bazalwane, bantwana bozalo lukaAbrahama, labo phakathi kwenu abamesabayo uNkulunkulu, ilizwi lale nsindiso lithunyelwe kini.


Ukwenzela obaba umusa nokukhumbula isivumelwano sakhe esingcwele;


Mnikeni uJehova, zizukulwane zabantu, mnikeni uJehova inkazimulo namandla.


Bhekani ukuthi u-Abrahama uyakuba yisizwe esikhulu nesinamandla, nezizwe zonke zomhlaba ziyobusiswa ngaye?


nangesivumelwano asenza no-Abrahama, nesifungo sakhe ku-Isaka;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite