Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 3:18 - Contemporary Zulu Bible 2024

18 Kodwa lokho uNkulunkulu akumemezela ngaphambili ngomlomo wabaprofethi bakhe bonke ukuthi uKristu wayezakuhlupheka, ukugcwalisile ngokunjalo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 Kepha lokho uNkulunkulu akumemezela ngaphambili ngomlomo wabaprofethi bonke ukuthi uKristu wakhe uyakuhlupheka, ukugcwalisile kanje.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

18 Kepha lokho uNkulunkulu akubikezele ngaphambilini ngomlomo wabo bonke abaphrofethi, ukuthi uKhristu wakhe uyakuhlupheka, ukugcwalise kanje.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

18 Kodwa lokho uNkulunkulu akumemezela ngaphambili ngomlomo wabaprofethi bakhe bonke ukuthi uKristu wayezakuhlupheka, ukugcwalisile ngokunjalo.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 3:18
19 Referans Kwoze  

yena esenikelwe ngecebo elimisiweyo nangokwazi kukaNkulunkulu ngaphambili, namthatha, ngezandla zababi nambethela, nambulala;


Ngiyakuthululela phezu kwendlu kaDavide naphezu kwabakhileyo eJerusalema umoya womusa nokunxusa; futhi bayongibheka mina abangigwazayo, futhi bayomlilela njengoba nje umuntu elilela indodana yakhe eyodwa, futhi bayoba munyu kuyo, njengomuntu omunyu ngenxa yezibulo lakhe.


Ngiwunike umhlane wami ekushayweni, nezihlathi zami kulabo abaklebhula izinwele; angibufihlanga ubuso bami ehlazweni nasekukhafuleni.


Sebemmisele usuku, kweza kuye abaningi endlini yakhe yezihambi; wabachasisela, wafakaza ngombuso kaNkulunkulu, ebancenga ngoJesu, ethatha emthethweni kaMozisi lakubaprofethi, kusukela ekuseni kwaze kwahlwa.


Wathi kubo: Lawa angamazwi engawakhuluma kini ngisenani, ukuthi kumele kugcwaliseke konke okulotshiweyo emlayweni kaMozisi, lakubaprofethi, lemahutsheni, mina.


Ngawa ngasezinyaweni zayo ukuba ngiyikhonze. Yathi kimi: “Bheka, ungakwenzi; mina ngiyinceku kanye nawe nabazalwane bakho abanobufakazi bukaJesu;


Vuka, wena nkemba, umelusi wami, uvukele umuntu ongumngane wami, usho uJehova Sebawoti, uthi: ‘Shaya umalusi, izimvu zihlakazeke;


Futhi emva kwamasonto angamashumi ayisithupha nambili uMesiya uyobhujiswa, kodwa hhayi yena; futhi abantu besikhulu esizayo bayochitha umuzi nendlu engcwele; futhi ukuphela kwawo kuyakuba ngozamcolo, futhi kuze kube sekupheleni kwempi ukuchithwa kumisiwe.


Ngiyakubeka ubutha phakathi kwakho nowesifazane, naphakathi kwenzalo yakho nenzalo yakhe; yona iyakuchoboza ikhanda lakho, wena uyakulimaza isithende sayo.


Abaprofethi bonke bafakaza ngaye ukuthi yilowo nalowo okholwa nguye uyakwamukela ukuthethelelwa kwezono ngegama lakhe.


Ngokuba isiprofetho asifikanga endulo ngentando yomuntu, kepha abantu abangcwele bakaNkulunkulu bakhuluma beqhutshwa nguMoya oNgcwele.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite