Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 27:4 - Contemporary Zulu Bible 2024

4 Sasuka lapho, sagudla ngenzansi kweKhupro, ngokuba imimoya yayiphambene.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Sasuka lapho, sagudla ngenzansi kweKhupro, ngokuba imimoya yayiphambene nathi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 Sasuka lapho, sagudla ngezansi kweKhuphro, ngokuba umoya wawuphikisana nathi.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

4 Sasuka lapho, sagudla ngenzansi kweKhupro, ngokuba imimoya yayiphambene.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 27:4
10 Referans Kwoze  

LoJosefa owathiwa ngabaphostoli isibongo esithi nguBarnabasi, okuyikuthi ngokuphendulelwa, indodana yenduduzo, umLevi, welizwe leKhupro,


Sesihambe kancane izinsuku eziningi, safika kalukhuni ngaseKinidu, umoya ungasivumeli, sagudla iKrethe malungana neSalimone;


Kwasekuhamba lathi abanye babafundi baseKesariya, basisa kuMnasoni waseKhupro, obengumfundi omdala, ebesizangenisa kuye.


Kwathi sesiyibonile iKhupro, sayishiya ngakwesokhohlo, sangena ngomkhumbi eSiriya, sehla eTire, ngokuba umkhumbi wawuzakwethula khona umthwalo wawo.


Kwaba khona ukuphikisana okukhulu, baze bahlukana, uBarnabasi wamthatha uMarku, waya eKhupro ngomkhumbi;


Bona-ke bethunywe nguMoya oNgcwele behlela eSelukiya; basuka lapho ngomkhumbi baya eKhupro.


Wababona beshikashikeka ekugwedleni; ngokuba umoya wawuphambene nabo; kwathi ngomlindo wesine wobusuku weza kubo ehamba phezu kolwandle, efuna ukudlula kubo.


Kepha umkhumbi wawususukile elwandle, unyakaziswa ngamaza, ngokuba umoya wawuphambene.


Kwathi ngolunye usuku wangena emkhunjini kanye nabafundi bakhe, wathi kubo: “Asiwele siye ngaphesheya kolwandle. Base bephuma.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite