Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 26:24 - Contemporary Zulu Bible 2024

24 Esazikhulumela lokho, uFestu wathi ngezwi elikhulu: “Uyahlanya, Pawulu; ukufunda okuningi kuyakuhlanyisa.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 Kwathi esaziphendulela kanjalo, uFestu wathi ngezwi elikhulu: “Pawulu, uyahlanya; ukufunda okuningi kuyakuhlanyisa.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

24 Kwathi esaziphendulela kanjalo, uFestu wathi ngezwi elikhulu: “Pawula, uyahlanya; ukufunda okuningi kuyakuhlanyisa.”

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

24 Esazikhulumela lokho, uFestu wathi ngezwi elikhulu: “Uyahlanya, Pawulu; ukufunda okuningi kuyakuhlanyisa.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 26:24
19 Referans Kwoze  

Kodwa thina sitshumayela uKristu obethelwe esiphambanweni, isikhubekiso kubaJuda, ubuthutha kumaGriki;


Ngokuba noma siyahlanya, kungenxa kaNkulunkulu; noma sisangulukile, kungenxa yenu.


Thina siyiziwula ngenxa kaKristu, kepha nina nihlakaniphile kuKristu; thina sibuthakathaka, kodwa nina ninamandla; niyadunyiswa, kepha thina sidelelekile.


Kwathi abangabakhe bekuzwa baphuma ukuyombamba, ngokuba bathi: Uyahlanya.


Nasemasinagogeni onke ngabajezisa kaningi, ngibacindezela ukuba bahlambalaze; futhi njengoba ngibathukuthelele kakhulu, ngabazingela kwaze kwaba semizini yabezizwe.


INkosi ikumise ube ngumpristi esikhundleni sikaJehoyada umpristi, ukuba ube ngababonisi endlini kaJehova, ngokuba noma ngubani ohlanyayo azenze umprofethi uyakumfaka etilongweni nasezitokisini.


UJehu wasephuma, waya ezincekwini zenkosi yakhe; Uhlanya lolu luze ngani kuwe? Wathi kubo: “Niyamazi lowo muntu nezwi lakhe.”


Sebezwile ngokuvuka kwabafileyo, abanye bahleka usulu, abanye bathi: “Sizakubuye sikuzwe ngale ndaba.”


Izinsuku zokuhanjelwa sezifikile, izinsuku zokuphindisela sezifikile; U-Israyeli uyakukwazi lokhu: Umprofethi uyisiwula, nomuntu ongokomoya uyahlanya, ngenxa yobuningi bobubi bakho nenzondo enkulu.


Esakhuluma ngokulunga, nokuzithiba, nokwahlulela okuzayo, uFelike washaywa luvalo, waphendula wathi: “Okwamanje hamba; nxa nginesikhathi esihle, ngizakubiza.


Madoda, bazalwane, nawobaba, yizwani ukuziphendulela kwami kini manje.


Base bethi kuye abaJuda: “Manje sesiyazi ukuthi unedemoni. U-Abrahama ufile, nabaprofethi; wena-ke uthi: Uba umuntu egcina ilizwi lami, kasoze ezwe ukufa laphakade.


Base bephendula abaJuda, bathi kuye: “Asisho kahle ukuthi wena ungumSamariya nokuthi unedemoni na?


AmaJuda amangala, athi: “Lo wazi kanjani izincwadi engafundanga na?


Kepha emva kweminyaka emibili kwangena uPorkiyu Festu esikhundleni sikaFeliksi;


lokuthi kusukela ebuntwaneni wazi imibhalo engcwele, elamandla okukuhlakaniphisa, kube yinsindiso ngokukholwa kuKristu Jesu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite