Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 23:6 - Contemporary Zulu Bible 2024

6 Kodwa uPawuli esekwazi ukuthi enye ingxenye ingabaSadusi lelinye ingabaFarisi, wamemeza emphakathini wathi: Madoda, bazalwane, mina ngingumFarisi, indodana yomFarisi; umbuzo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Kepha kwathi uPawulu azi ukuthi enye inxenye yabo ingabaSadusi nenye ingabaFarisi, wamemeza emphakathini, wathi: “Madoda, bazalwane, ngingumFarisi mina, ngiyindodana yabaFarisi; ngimangalelwa ngethemba nangokuvuka kwabafileyo.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

6 UPawula azi ukuthi bangamaqembu, enye ingxenye ingeyabaSadusi, enye ingeyabaFarisi, wayesememeza emkhandlwini, wathi: “Madoda, bazalwane, mina ngingumFarisi, nendodana yomFarisi, ngibekwe icala lokuthi nginethemba lokuvuka kwabafileyo.”

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

6 Kodwa uPawuli esekwazi ukuthi enye ingxenye ingabaSadusi lelinye ingabaFarisi, wamemeza emphakathini wathi: Madoda, bazalwane, mina ngingumFarisi, indodana yomFarisi; umbuzo.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 23:6
17 Referans Kwoze  

ngaphandle kwaleli zwi linye engamemeza ngalo ngimi phakathi kwabo, lokuthi ngokuvuka kwabafileyo ngimangalelwa yinina namuhla.


nginethemba kuNkulunkulu, abalibekayo nabo uqobo, lokuthi kuyakuba khona ukuvuka kwabafileyo, okwabalungileyo nabangalungile.


Ngasokwa ngosuku lwesishiyagalombili, ngingowohlanga luka-Israyeli, owesizwe sakwaBenjamini, umHeberu wamaHeberu; ngokomthetho ngingumFarisi;


Ngakho ngenxa yalokhu nginibizele ukulibona, ngikhulume lani, ngoba ngenxa yethemba likaIsrayeli ngibotshiwe ngamaketane.


Ngalolo suku kweza kuye abaSadusi, abathi akukho ukuvuka kwabafileyo, bambuza.


Njengalokhu nompristi omkhulu uyangifakazela, nebandla lonke lamalunga, engamukela kubo izincwadi eziya kubazalwane, ngaya eDamaseku ukuba ngibalethe eJerusalema beboshiwe, ukuze bajeziswe.


Bhekani, ngiyanithuma ninjengezimvu phakathi kwezimpisi; ngakho hlakaniphani njengezinyoka, nibe msulwa njengamajuba.


Kodwa kwathi ebona abanengi babaFarisi labaSadusi besiza ekubhabhathizeni kwakhe, wathi kubo: Nzalo yezinyoka, ngubani olixwayisile ukubalekela ulaka oluzayo?


Mina-ke ngingumuntu ongumJuda, owazalelwa eTarsu, umuzi waseKhilikhiya, nokho ngakhulela kulo muzi ngasezinyaweni zikaGamaliyeli, ngifundisiwe ngomthetho wawoyise opheleleyo, ngishisekela uNkulunkulu, njengoba ninjalo nonke namuhla.


Ngangomuso, efuna ukwazi iqiniso, ukuthi kungani amangalelwe ngamaJuda, wamkhulula eziboshweni, wayala ukuba abapristi abakhulu nomphakathi wonke wabo beze, wamehlisa uPawulu, wammisa phambi kwabo.


UPawuli wawugqolozela umphakathi, wathi: “Madoda, bazalwane, mina ngihambile phambi kukaNkulunkulu nginonembeza wonke omuhle kuze kube namuhla.


Eseshilo lokho, kwavela ukungezwani phakathi kwabaFarisi nabaSadusi, uquqaba lwahlukana phakathi.


Ngakho-ke nina kanye nomphakathi bonisani induna yenkulungwane ukuba imehlisele kini kusasa ngokungathi nifuna ukuhlolisisa kahle okumayelana naye;


Yathi: “AbaJuda bavumelene ukukucela ukuba wehlisele uPawuli emphakathini kusasa, kungathi bafuna ukuhlolisisa kahle okunye ngaye.


Ngokuba ithemba enibekelwe lona ezulwini, enalizwa ngaphambili ngezwi leqiniso levangeli;


ithemba esilalo njengehange lomphefumulo, liqinisekile, liqinile, lingena kokungaphakathi kwesihenqo;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite