Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 22:5 - Contemporary Zulu Bible 2024

5 Njengalokhu nompristi omkhulu uyangifakazela, nebandla lonke lamalunga, engamukela kubo izincwadi eziya kubazalwane, ngaya eDamaseku ukuba ngibalethe eJerusalema beboshiwe, ukuze bajeziswe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 njengokuba nompristi omkhulu ufakaza ngami namalunga onke; ngamukela kubo izincwadi ezilotshelwe abazalwane, ngaya eDamaseku ukuba nababe khona lapho ngibayise eJerusalema beboshiwe, ukuze bajeziswe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 njengoba nomphristi omkhulu ufakaza ngami, namalunga wonke. Yibona engemukela kubo izincwadi ezilotshelwe abazalwane, ngangiya eDamaseku ukuba abakhona lapho ngibayise eJerusalema beboshiwe, ukuze bajeziswe.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

5 njengalokhu nompristi omkhulu uyangifakazela, nebandla lonke lamalunga, engamukela kubo izincwadi eziya kubazalwane, ngaya eDamaseku ukuba ngibalethe eJerusalema beboshiwe, ukuze bajeziswe.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 22:5
21 Referans Kwoze  

Kwathi sekusile, kwabuthana amalunga esizwe nabapristi abakhulu nababhali, bamyisa emphakathini wabo, bathi:


Sebezwile bangena ethempelini ekuseni kakhulu, bafundisa. Kepha kwafika umpristi omkhulu nababe naye, babizela ndawonye umkhandlu nawo onke amadoda amakhulu abantwana bakwa-Israyeli, bathumela etilongweni ukuba balethwe.


Ungasideleli isiphiwo esikuwe, owasiphiwa ngesiprofetho ngokubekwa izandla zabadala.


Base bethi kuye: “Thina asamukelanga ncwadi ngawe evela eJudiya, futhi akufikanga namunye wabazalwane owabika noma wakhuluma utho olubi ngawe.


Okwathi lapho ngiya eDamaseku nginegunya nokuthunywa kubapristi abakhulu,


Lokho nami ngakwenza eJerusalema; abaningi kwabangcwele ngabavalela etilongweni, ngithole amandla kubapristi abakhulu; futhi lapho bebulawa, ngazwakalisa izwi lami ngokumelene nabo.


Madoda, bazalwane, nawobaba, yizwani ukuziphendulela kwami kini manje.


Madoda, bazalwane, bantwana bozalo lukaAbrahama, labo phakathi kwenu abamesabayo uNkulunkulu, ilizwi lale nsindiso lithunyelwe kini.


nalapha unegunya kubapristi abakhulu lokubopha bonke ababiza igama lakho.


Kwathi ngangomuso ababusi babo, namalunga, nababhali.


Ngalezo zinsuku uPetru wasukuma phakathi kwabafundi, (isibalo samagama ndawonye sasingaba yikhulu namashumi amabili).


Madoda, bazalwane, ake ngikhulume kini ngokusobala ngokhokho uDavide ukuthi wafa wangcwatshwa, nethuna lakhe lisekhona kithi kuze kube namuhla.


Manje, bazalwane, ngiyazi ukuthi nenze ngokungazi njengababusi benu.


UPawuli wawugqolozela umphakathi, wathi: “Madoda, bazalwane, mina ngihambile phambi kukaNkulunkulu nginonembeza wonke omuhle kuze kube namuhla.


Kodwa uPawuli esekwazi ukuthi enye ingxenye ingabaSadusi lelinye ingabaFarisi, wamemeza emphakathini wathi: Madoda, bazalwane, mina ngingumFarisi, indodana yomFarisi; umbuzo.


Nasemasinagogeni onke ngabajezisa kaningi, ngibacindezela ukuba bahlambalaze; futhi njengoba ngibathukuthelele kakhulu, ngabazingela kwaze kwaba semizini yabezizwe.


Kwathi emva kwezinsuku ezintathu uPawuli wabizela ndawonye izikhulu zabaJuda; nokho nganikelwa eJerusalema ngiyisiboshwa ezandleni zamaRoma.


Ngokuba nizwile ngokuziphatha kwami kwakudala enkolweni yamaJuda, ukuthi ngangizingela ngokungenakulinganiswa ibandla likaNkulunkulu, ngilichitha;


ngokushisekela ngizingela ibandla; mayelana nokulunga okusemthethweni, ngingenacala.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite