Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 22:3 - Contemporary Zulu Bible 2024

3 Mina-ke ngingumuntu ongumJuda, owazalelwa eTarsu, umuzi waseKhilikhiya, nokho ngakhulela kulo muzi ngasezinyaweni zikaGamaliyeli, ngifundisiwe ngomthetho wawoyise opheleleyo, ngishisekela uNkulunkulu, njengoba ninjalo nonke namuhla.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 “Mina ngiyindoda engumJuda, ngazalwa eTarsu laseKhilikhiya, kodwa ngakhulela kulo muzi, ngafundiswa ngasezinyaweni zikaGamaliyeli ngesineke ngomthetho wawobaba, ngashisekela uNkulunkulu njengokuba nonke ninjalo namuhla;

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 “Mina ngiyindoda engumJuda ezalwa eTharsu eKhilikhiya, kodwa ngakhulela kuwo lo muzi, ngasezinyaweni zikaGamaliyeli, ngafundiswa ngesineke ngomthetho wobaba, ngishisekela uNkulunkulu njengalokhu nani ninjalo namuhla.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

3 Mina-ke ngingumuntu ongumJuda, owazalelwa eTarsu, umuzi waseKhilikhiya, nokho ngakhulela kulo muzi ngasezinyaweni zikaGamaliyeli, ngifundisiwe ngomthetho wawoyise opheleleyo, ngishisekela uNkulunkulu, njengoba ninjalo nonke namuhla.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 22:3
27 Referans Kwoze  

ababengazi kwasekuqaleni, uma befuna ukufakaza, ukuthi ngokwehlelo eliqine kakhulu lenkonzo yethu ngahamba ngingumFarisi.


INkosi yasisithi kuye: Sukuma uye emgwaqweni othiwa uQondile, ubuze endlini kaJudasi othiwa nguSawuli waseTarsu;


Kwasekusukuma omunye emphakathini, umFarisi ogama lakhe linguGamaliyeli, umfundisi womthetho otusekayo kubantu bonke, wayala ukuba abaphostoli bakhishwe isikhashana;


Kodwa uPawuli wathi: Mina ngiyindoda engumJuda waseTarsu yeKhilikhiya, isakhamuzi somuzi ongelutho;


Sebezwile bayidumisa iNkosi, bathi kuye: “Uyabona, mfowethu, ukuthi zingaki izigidi zabakholwayo abaJuda; futhi bonke bashisekela umthetho;


BangamaHebheru na? nami nginjalo. Bangama-Israyeli na? nami nginjalo. Bayinzalo ka-Abrahama na? nami futhi.


O ne a na le kgaitsedi e bitswang Maria, ya dutseng maotong a Jesu, a utlwa lentswe la hae.


U-Elisha wabuye wafika eGiligali, kwakukhona indlala ezweni; amadodana abaprofethi ayehlezi phambi kwakhe;


Yebo, wayebathanda abantu; bonke abangcwele bakhe basesandleni sakho, bahlala ngasezinyaweni zakho; wonke umuntu uyakwamukela emazwini akho.


Ngakho ngithi: UNkulunkulu ubalahlile abantu bakhe na? UNkulunkulu akakuvumeli. Ngokuba nami ngingumIsrayeli, wenzalo ka-Abrahama, wesizwe sakwaBenjamini.


Kodwa uPawuli esekwazi ukuthi enye ingxenye ingabaSadusi lelinye ingabaFarisi, wamemeza emphakathini wathi: Madoda, bazalwane, mina ngingumFarisi, indodana yomFarisi; umbuzo.


Kwasekusukuma abathile besinagoge elithiwa elabaKhululwa, nabaseKhurene, nabase-Aleksandriya, nabavela eKhilikhiya nase-Asiya, baphikisana noStefanu;


Inkosi yasibiza abaseGibeyoni, yathi kubo: (AbaseGibeyoni babengesibo abantwana bakwa-Israyeli, kodwa bensali yama-Amori; abantwana bakwa-Israyeli bafunga kubo; uSawule wazama ukubulala ngokushisekela kwakhe. Kubantwana bakwa-Israyeli noJuda.)


Emva kwalokho ngafika emazweni aseSiriya naseKhilikhiya;


futhi enkolweni yobuJuda ngadlula abaningi abayintanga yami esizweni sakithi, ngishisekela kakhulu amasiko awobaba.


Kwathi umbusi eseyifundile incwadi, wabuza ukuthi ungowasiphi isifunda; Kwathi esezwile ukuthi ungowaseKhilikhiya;


Wadabula iSiriya neKhilikhiya eqinisa amabandla.


Basebebhala izincwadi ngabo ngalendlela; Abaphostoli namalunga nabazalwane bayakhonza kubazalwane abavela kwabezizwe e-Antiyokiya, naseSiriya, naseKhilikhiya;


UBarnabasi wasesuka waya eTarsu ukuyadinga uSawuli;


Abazalwane sebekwazi bamehlisela eKesariya, bamthumela eTarsu.


Base bephuma ukuyobona okwenzekileyo; bafika kuJesu, bamfumana umuntu okwakuphume kuye amademoni ehlezi ngasezinyaweni zikaJesu embethe, esangulukile;


Kwathi emva kwezinsuku ezintathu bamfumana ethempelini, ehlezi phakathi kwabafundisi, ebazwa, ebabuza.


Kepha uSawulu esafutha izinsongo nokubulala abafundi beNkosi waya kumpristi omkhulu;


Mina-ke ngangicabanga ngokwami ukuthi ngifanele ukwenza izinto ezinengi eziphambene lebizo likaJesu waseNazaretha.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite