Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 21:3 - Contemporary Zulu Bible 2024

3 Kwathi sesiyibonile iKhupro, sayishiya ngakwesokhohlo, sangena ngomkhumbi eSiriya, sehla eTire, ngokuba umkhumbi wawuzakwethula khona umthwalo wawo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Kwathi sekuqhamuke iKhupro, sesilishiyile ngakwesokhohlo, saqonda eSiriya, sehlika eTire, ngokuba umkhumbi wawuzakwethula khona impahla.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 Kwathi sesiyibona iKhuphro saze sayedlula, siyishiya ngemuva ngakwesokhohlo, saya eSiriya. Safika echwebeni eThire, ngokuba umkhumbi wawuzokwethula lapho izimpahla.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

3 Kwathi sesiyibonile iKhupro, sayishiya ngakwesokhohlo, sangena ngomkhumbi eSiriya, sehla eTire, ngokuba umkhumbi wawuzakwethula khona umthwalo wawo.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 21:3
22 Referans Kwoze  

Sasuka lapho, sagudla ngenzansi kweKhupro, ngokuba imimoya yayiphambene.


Kwasekuhamba lathi abanye babafundi baseKesariya, basisa kuMnasoni waseKhupro, obengumfundi omdala, ebesizangenisa kuye.


Kepha uHerode wayebathukuthelele abaseTire nabaseSidoni; ngoba ilizwe labo londliwa yilizwe lenkosi.


LoJosefa owathiwa ngabaphostoli isibongo esithi nguBarnabasi, okuyikuthi ngokuphendulelwa, indodana yenduduzo, umLevi, welizwe leKhupro,


Udumo lwakhe lwaphumela kulo lonke elaseSiriya, baletha kuye bonke abagulayo ababephethwe yizifo ngezifo nezinhlupheko, nabakhwelwe ngamademoni, nabanesithuthwane, nabafe uhlangothi; wasebasilisa.


UPawuli esehlale khona isikhathi eside, wasevalelisa kubazalwane, wamuka ngomkhumbi, waya eSiriya, kanye loPrisila loAkwila; esegundile ikhanda eKenikreya, ngokuba wayenesithembiso.


Wadabula iSiriya neKhilikhiya eqinisa amabandla.


Kwaba khona ukuphikisana okukhulu, baze bahlukana, uBarnabasi wamthatha uMarku, waya eKhupro ngomkhumbi;


Basebebhala izincwadi ngabo ngalendlela; Abaphostoli namalunga nabazalwane bayakhonza kubazalwane abavela kwabezizwe e-Antiyokiya, naseSiriya, naseKhilikhiya;


Bona-ke bethunywe nguMoya oNgcwele behlela eSelukiya; basuka lapho ngomkhumbi baya eKhupro.


Labo abahlakazekile ngokushushiswa okwavela ngoStefanu badabula baze bafika eFenike, naseKhupro, nase-Antiyokiya, bengalishumayeli izwi kubaJuda kuphela.


Ho malimabe uena, Korazine! Ho malimabe uena, Bethsaida! hobane mehlolo e entsweng ho lona, hoja e ka be e etsahetse Tire le Sidone, e ka be e sa le kgale e bakile, ba apere lesela le mahwashe le moloreng.


(Lokhu kubalwa okokuqala kwenziwa uKhureniyu engumbusi waseSiriya.)


Maye kuwe Korazini! maye kuwe, Betsayida! ngokuba uma yayenziwe eTire naseSidoni imisebenzi yamandla eyenziwe kini, ngabe kade baphenduka bembethe amasaka nangomlotha.


Kwabikelwa indlu kaDavide, kwathiwa: “I-Aramu ihlangene no-Efrayimi.” Inhliziyo yakhe yanyakaziswa, nenhliziyo yabantu bakhe njengemithi yehlathi inyakaziswa ngumoya.


Ngiyakubiza oRahabi noBabele kwabangaziyo: bheka, Filistiya neTire kanye neKushe; indoda le yazalelwa khona.


Indodakazi yaseThire iyoba lapho nesipho; nabacebileyo phakathi kwezizwe bayakucela umusa wakho.


UDavida wamisa abalindi eSiriya eDamaseko; ama-Aramu aba yizigqili zikaDavida aletha izipho. UJehova wamvikela uDavide yonke indawo ayeya kuyo.


Abantwana bakwa-Israyeli babuye benza okubi emehlweni kaJehova, bakhonza oBali, no-Ashitaroti, nonkulunkulu base-Aramu, nonkulunkulu baseSidoni, nonkulunkulu bakwaMowabi, nonkulunkulu babantwana bakwa-Amoni, nonkulunkulu bama-Amoni. Onkulunkulu bamaFilisti, bamshiya uJehova, abamkhonzanga.


Sathola umkhumbi owelela eFenike, sangena kuwo, samuka.


Sathi sesiqedile uhambo lwethu sisuka eTire, safika ePetolemayi, sabingelela abazalwane, sahlala nabo usuku lwaba lunye.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite