Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 2:22 - Contemporary Zulu Bible 2024

22 Madoda akwa-Israyeli, yizwani lawa mazwi; UJesu waseNazaretha, indoda efakazelwe nguNkulunkulu phakathi kwenu ngemisebenzi yamandla, nangezimangaliso, nangezibonakaliso, uNkulunkulu azenza ngayo phakathi kwenu, njengokuba nazi nani ngokwenu;

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 “Madoda akwa-Israyeli, zwanini lawa mazwi: UJesu waseNazaretha, indoda efakazelwe nguNkulunkulu phambi kwenu ngemisebenzi yamandla nangezimangaliso nangezibonakaliso uNkulunkulu azenza ngaye phakathi kwenu, njengalokhu nazi nina uqobo lwenu,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

22 “Madoda akwa-Israyeli, lalelani lawa mazwi: uJesu waseNazaretha, indoda efakazelwe nguNkulunkulu phambi kwenu ngemisebenzi yamandla, ngezimangaliso nangezibonakaliso uNkulunkulu azenza ngaye phambi kwenu, njengalokhu nani luqobo nazi,

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

22 Madoda akwa-Israyeli, yizwani lawa mazwi; UJesu waseNazaretha, indoda efakazelwe nguNkulunkulu phakathi kwenu ngemisebenzi yamandla, nangezimangaliso, nangezibonakaliso, uNkulunkulu azenza ngayo phakathi kwenu, njengokuba nazi nani ngokwenu;

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 2:22
42 Referans Kwoze  

Yena weza kuJesu ebusuku, wathi kuye: “Rabi, siyazi ukuthi ungumfundisi ovela kuNkulunkulu, ngokuba akakho ongenza lezi zibonakaliso ozenzayo wena, uma uNkulunkulu engenaye.


Makwazeke kini nonke nakubo bonke abantu bakwa-Israyeli, ukuthi ngegama likaJesu Kristu waseNazaretha enambethela esiphambanweni, uNkulunkulu amvusa kwabafileyo, ngaye lo umi lapha phambi kwenu esindile.


Kepha uma ngikhipha amademoni ngomunwe kaNkulunkulu, umbuso kaNkulunkulu usufikile kini.


Kepha uma ngikhipha amademoni ngoMoya kaNkulunkulu, umbuso kaNkulunkulu usufikile kini.


Kodwa izixuku sezikubona zamangala, zamdumisa uNkulunkulu onikile abantu amandla angaka.


UNkulunkulu laye efakaza ngabo ngezibonakaliso, lezimanga, langezimangaliso ezitshiyeneyo, lezipho zikaMoya oNgcwele, njengokwentando yakhe?


Impela izibonakaliso zomphostoli zenziwa phakathi kwenu ngokubekezela konke, ngezibonakaliso, nezimangaliso, nemisebenzi yamandla.


Ngokuba inkosi iyazi ngalezizinto, engikhuluma kuyo ngokukhululeka; ngoba le nto ayenziwanga engosini.


Mina-ke ngangicabanga ngokwami ukuthi ngifanele ukwenza izinto ezinengi eziphambene lebizo likaJesu waseNazaretha.


Ngoba siyitholile indoda le iyisixhwanguxhwangu, ibangela ukuvukela umbuso phakathi kwabaJuda bonke emhlabeni wonke, ingumkhokheli wehlelo lamaNazaretha.


Ngasengiphendula ngathi: Ungubani, Nkosi? Yathi kimi: Mina nginguJesu waseNazaretha omzingelayo.


ememeza esithi: Madoda akwaIsrayeli, sizani! Lona nguye umuntu ofundisa bonke ezindaweni zonke okuphambene nabantu, nomthetho, nalendawo, futhi engenisa namaGreki ethempelini, wayingcolisa le ndawo engcwele.


Sebefikile, balibuthela ndawonye ibandla, balandisa ngakho konke uNkulunkulu abekwenzile ngabo, nokuthi uvulele abezizwe umnyango wokukholwa.


Wayesesukuma uPawulu, waqhweba ngesandla, wathi: “Madoda akwa-Israyeli, nani nesaba uNkulunkulu, lalelani.


Ngokuba simzwile ethi loJesu waseNazaretha uzakuchitha le ndawo, aguqule amasiko uMose asinika wona.


Wathi kubo: “Madoda akwa-Israyeli, ziqapheleni eniyakukwenza kulaba bantu.


UPetru ekubona waphendula abantu wathi: “Madoda akwa-Israyeli, nimangala ngalokho na? Kumbe nisigqolozeleni ngokungathi ngamandla ethu nangobungcwele bethu senze lo ukuba ahambe na?


UPilatu waloba nombhalo, wasibeka esiphambanweni. Kwakulotshiwe ukuthi: UJESU WENAZARETHA INKOSI YABAJUDA.


Uma bengingenzanga phakathi kwabo imisebenzi engenziwanga muntu, ngabe bebengenasono;


Ngakho isixuku esasinaye lapho ebiza uLazaru ukuba aphume ethuneni, emvusa kwabafileyo, safakaza.


Khona abapristi abakhulu nabaFarisi base bebutha umphakathi, bathi: “Senzenjani na? ngoba lomuntu wenza izibonakaliso ezinengi.


Uma ngingenzi imisebenzi kaBaba, ningangikholwa;


Uma lo ebengaveli kuNkulunkulu, ubengenakukwenza lutho.


Abaningi esixukwini bakholwa kuye, bathi: “Nxa uKristu esefikile, uyakwenza izibonakaliso eziningi kunalezi azenzileyo lona na?


Ningasebenzeli ukudla okuphelayo, kodwa ukudla okuhlala kuze kube ngukuphila okuphakade, eyonipha khona iNdodana yomuntu;


Khona labobantu sebesibonile isimangaliso uJesu asenzayo, bathi: Isibili lo nguye umprofethi obezakuza emhlabeni.


Kepha mina nginobufakazi obukhulu kunobukaJohane, ngokuba imisebenzi uBaba anginike yona ukuba ngiyifeze, yona le misebenzi engiyenzayo, iyangifakazela ukuthi uBaba ungithumile.


Khona uJesu wathi kuye: “Uma ningaboni izibonakaliso nezimangaliso, anisoze nakholwa;


UFiliphu wafumana uNathanayeli, wathi kuye: “Simfumene lowo aloba ngaye emthethweni uMose kanye nabaprofethi, uJesu waseNazaretha, indodana kaJosefa.


Omunye wabo, ogama lakhe linguKleyophase, waphendula wathi kuye: “Ingabe nguwe wedwa umfokazi eJerusalema, ongakwaziyo okwenzekileyo khona ngalezi zinsuku na?


Wafika wahlala emzini othiwa iNazaretha, ukuze kugcwaliseke okwakhulunywa ngabaprofethi ukuthi: “Uyakubizwa ngokuthi umNazaretha.


Ungesabi wena sibungu Jakobe, nani madoda akwa-Israyeli! ngiyakusiza, usho uJehova, noMhlengi wakho, oNgcwele ka-Israyeli.


Ngiyakwenza izimangaliso ezulwini phezulu, nezibonakaliso emhlabeni phansi; igazi, nomlilo, nentuthu yomusi;


Ukwesaba kwehlela wonke umuntu; kwenzeka izimangaliso eziningi nezibonakaliso ngabaphostoli.


UPetro wasesithi: Isiliva legolide kangilalo; kodwa lokho enginakho ngikunika khona: Egameni likaJesu Kristu waseNazaretha, sukuma uhambe.


Base beyitshela ukuthi uJesu waseNazaretha uyadlula.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite