Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 2:20 - Contemporary Zulu Bible 2024

20 Ilanga liyakuphenduka ubumnyama, nenyanga ibe yigazi, lungakafiki lolo suku lweNkosi olukhulu noluphawulekayo;

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 Ilanga liyakuphenduka ubumnyama, inyanga ibe yigazi, lungakafiki usuku olukhulu noluqhamileyo lweNkosi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

20 Ilanga liyakuphenduka ubumnyama, inyanga iphenduke igazi, ngaphambi kokuba kufike usuku olukhulu nolubalulekileyo lweNkosi.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

20 Ilanga liyakuphenduka ubumnyama, nenyanga ibe yigazi, lungakafiki lolo suku lweNkosi olukhulu noluphawulekayo;

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 2:20
25 Referans Kwoze  

Kodwa usuku lweNkosi luzafika njengesela ebusuku; lapho amazulu ayakudlula ngomsindo omkhulu, nezakhi ziyoncibilika ngokushisa okukhulu, nomhlaba nemisebenzi ekuwo kuyakusha.


Ngalolo suku, isho iNkosi uJehova, ngiyakwenza ukuba ilanga lishone emini bebade, ngenze ubumnyama emhlabeni emini libalele.


Njalo masinyane emva kosizi lwalezonsuku ilanga lizafiphazwa, lenyanga kayiyikukhanya, lezinkanyezi zizakuwa ezulwini, lamandla amazulu azazanyazanyiswa.


Ngokuba nina ngokwenu nazi kahle ukuthi usuku lweNkosi luza njengesela ebusuku.


Bhekani, ngiyakuthuma kini u-Eliya umprofethi, lungakafiki usuku lukaJehova olukhulu nolwesabekayo.


Vuthelani icilongo eSiyoni, nihlabe umkhosi entabeni yami engcwele; mabathuthumele bonke abakhileyo ezweni, ngokuba usuku lukaJehova luyeza, ngokuba luseduze;


Kepha izulu nomhlaba okukhona manje kubekelwe umlilo ngalo lona leli zwi, kugcinelwe usuku lokwahlulelwa nokubhubha kwabantu abangamesabi uNkulunkulu.


Kuyakuba khona izibonakaliso elangeni nasenyangeni nasezinkanyezini; nasemhlabeni usizi lwezizwe, zididekile; kuhlokoma ulwandle namagagasi;


Kodwa ngalezonsuku, emva kwalokho kuhlupheka, ilanga lizafiphazwa, lenyanga kayiyikukhanya.


Izixuku, izixuku esigodini sokwahlulela, ngokuba usuku lukaJehova luseduze esigodini sokwahlulela.


Eyesine yathululela isitsha sayo elangeni; lanikwa amandla okutshisa abantu ngomlilo.


Ngase ngibona lapho livula uphawu lwesithupha, bheka, kwaba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu; ilanga laba mnyama njengendwangu yesaka yoboya, nenyanga yaba njengegazi;


ukunikela onjalo kuSathane ukuze kubhujiswe inyama, ukuze umoya usindiswe ngosuku lweNkosi uJesu.


Kusukela ngehora lesithupha kwaba mnyama emhlabeni wonke kwaze kwaba yihora lesishiyagalolunye.


Ngabona umhlaba, bheka, wawungenalutho, ungenalutho; namazulu, futhi kwakungekho ukukhanya.


Ngokuba lolu wusuku lwempindiselo kaJehova nomnyaka wokuphindisela ngokuxabana kweSiyoni.


Inyanga iyakuma inamahloni, nelanga lijabhe, lapho uJehova Sebawoti eyakubusa eNtabeni yaseSiyoni naseJerusalema nangokukhazimulayo phambi kwamalunga akhe.


Bonke abafunyanwayo bayakuchotshozwa; bonke abazihlanganisa nabo bayakuwa ngenkemba.


Bheka, usuku lukaJehova luyeza, lunonya, lunolaka nolaka oluvuthayo, ukwenza izwe libe yihlane; futhi uyobhubhisa izoni zakhe kuwo.


Ngokuba izinkanyezi zezulu nemilaza yawo akuyikukhanyisa; ilanga liyakuba mnyama ekuphumeni kwalo, nenyanga ayiyikukwenza ukukhanya kwayo kukhanye.


Ilanga liyakuphenduka ubumnyama nenyanga ibe yigazi, lungakafiki usuku lukaJehova olukhulu nolwesabekayo.


Ngiyakwenza izimangaliso ezulwini phezulu, nezibonakaliso emhlabeni phansi; igazi, nomlilo, nentuthu yomusi;


Kuyakuthi yilowo nalowo obiza igama leNkosi uyakusindiswa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite