Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 2:17 - Contemporary Zulu Bible 2024

17 “Kuyakuthi ngezinsuku zokugcina, usho uJehova, ngithulule uMoya wami phezu kwayo yonke inyama, amadodana enu namadodakazi enu ayakuprofetha, nezinsizwa zenu zibone imibono, abadala benu baphuphe amaphupho;

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 “ ‘Kuyakuthi ezinsukwini zokuphela, kusho uNkulunkulu, ngiyakuthulula uMoya wami phezu kwayo yonke inyama; amadodana enu namadodakazi enu ayakuprofetha, izinsizwa zenu zibone imibono, abadala benu baphuphe amaphupho;

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

17 “ ‘Kuyakuthi ezinsukwini zokugcina, kusho uNkulunkulu, ngiyakuthululela uMoya wami phezu kwenyama yonke; amadodana enu namadodakazi enu ayakuphrofetha, izinsizwa zenu zibone imibono, abadala benu baphuphe amaphupho;

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

17 “Kuyakuthi ngezinsuku zokugcina, usho uJehova, ngithulule uMoya wami phezu kwayo yonke inyama, amadodana enu namadodakazi enu ayakuprofetha, nezinsizwa zenu zibone imibono, abadala benu baphuphe amaphupho;

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 2:17
38 Referans Kwoze  

Ngokuba ngiyakuthela amanzi phezu kowomileyo, nemifudlana emhlabathini owomileyo; ngiyakuthulula uMoya wami enzalweni yakho nesibusiso sami phezu kwenzalo yakho.


Abasokile abakholwayo ababeze noPetru bamangala, ngokuba isipho sikaMoya oNgcwele sitheliwe naphezu kwabezizwe.


(Kepha lokhu wakusho ngoMoya ababezakwamukeliswa abakholwa nguye, ngokuba uMoya wayengakafiki, ngokuba uJesu wayengakakhazinyuliswa.)


Ngiyakuthululela phezu kwendlu kaDavide naphezu kwabakhileyo eJerusalema umoya womusa nokunxusa; futhi bayongibheka mina abangigwazayo, futhi bayomlilela njengoba nje umuntu elilela indodana yakhe eyodwa, futhi bayoba munyu kuyo, njengomuntu omunyu ngenxa yezibulo lakhe.


Ngiyakubanika inhliziyo eyodwa, ngibeke umoya omusha phakathi kwenu; futhi ngiyokhipha inhliziyo yetshe enyameni yabo ngibanike inhliziyo yenyama.


Ekugcineni kwalezinsuku ukhulumile kithi ngeNdodana ayimise ibe yindlalifa yakho konke, futhi enza ngayo futhi izwe;


Futhi uNkulunkulu umisile abathile ebandleni, kuqala abaphostoli, okwesibili abaprofethi, okwesithathu abafundisi, emva kwalokho izimangaliso, bese kuba izipho zokuphulukisa, nokusiza, nokubusa, nezilimi ngezilimi.


Futhi yonke inyama iyakubona insindiso kaNkulunkulu.


Yena lowo wayenamadodakazi amane, izintombi eziprofetha.


Emva kwalokho abantwana bakwa-Israyeli bayakubuya bamfune uJehova uNkulunkulu wabo noDavide inkosi yabo; bayakumesaba uJehova nomusa wakhe ekupheleni kwezinsuku.


nikwazi lokhu kuqala, ukuthi ngezinsuku zokugcina kuyakufika abahleki bosulu, behamba ngezinkanuko zabo;


omunye ukwenza izimangaliso; komunye isiprofetho; omunye ukuhlukanisa imimoya; omunye izinhlobo zezilimi; omunye ukuhunyushwa kwezilimi.


Futhi ithemba alijabhisi; ngokuba uthando lukaNkulunkulu lutheliwe ezinhliziyweni zethu ngoMoya oNgcwele esimuphiweyo.


Kangisayikubafihlela ubuso bami, ngoba ngithulule uMoya wami phezu kwendlu kaIsrayeli, itsho iNkosi uJehova.


Kusukela ekwethwaseni kwenyanga kuye kwenye, kusukela kwelinye isabatha kuye kwelinye, yonke inyama iyakuza ukukhuleka phambi kwami,” usho uJehova.


Thula, nyama yonke, phambi kweNkosi, ngoba ivukile endaweni yayo yokuhlala engcwele.


Ekupheleni kwezinsuku intaba yendlu kaJehova iyakuma iqine esiqongweni sezintaba, iphakame kunamagquma; izizwe zonke ziyakubuthanela khona.


Phendukelani ekukhuzeni kwami; khangelani, ngizathululela uMoya wami phezu kwenu, ngizakwazisa amazwi ami kini.


Uyakwehla njengemvula otshanini obunqunyiwe, njengezihlambi ezinisela umhlaba.


njengalokhu uyiphile amandla phezu kwenyama yonke, ukuze bonke omnike yona, ibaphe ukuphila okuphakade.


Kepha ekupheleni kwezinsuku intaba yendlu kaJehova iyakuma iqine esiqongweni sezintaba, iphakame kunamagquma; futhi abantu bayothutheleka kuyo.


Inkazimulo kaJehova iyakwambulwa, yonke inyama ibone kanyekanye, ngokuba umlomo kaJehova ukhulumile.


UJakobe wabiza amadodana akhe, wathi: “Buthanani, ukuze nginitshele okuyakwenzeka kini ezinsukwini zokugcina.


Abanicindezelayo ngiyakudlisa eyabo inyama; futhi bayodakwa yigazi labo siqu ngokungathi kungewayini elimnandi, futhi yonke inyama iyokwazi ukuthi mina, Jehova, nginguMhlengi wakho kanye noMhlengi wakho, uMninimandla kaJakobe.


Igolide lenu nesiliva kugqwalile; nokugqwala kwazo kuyakuba ngufakazi ngani, kudle inyama yenu njengomlilo. Niqongelele ingcebo ngezinsuku zokugcina.


Manje ngize ukuze ngikubonise okuzokwenzeka kubantu bakini ekupheleni kwezinsuku, ngoba nokho umbono ungowezinsuku eziningi.


UNkulunkulu wawubheka umhlaba, bheka, wawonakele; ngoba yonke inyama iyonakalisile indlela yayo emhlabeni.


Wena ozwa umkhuleko, inyama yonke izakuza kuwe.


Kwasekusukuma omunye wabo obizo lakhe lingu-Agabu, watshengisa ngoMoya ukuthi kuzakuba khona indlala enkulu emhlabeni wonke;


Kodwa lokhu kuyikho okwakhulunywa ngumprofethi uJoweli;


Naphezu kwezinceku zami naphezu kwezincekukazi zami ngalezo zinsuku ngiyakuthulula uMoya wami; bayakuprofetha;


Ngakho-ke ephakanyiselwe ngakwesokunene sikaNkulunkulu, esamukele kuYise isithembiso sikaMoya oNgcwele, ukuchithile lokhu enikubonayo nenikuzwayo manje.


Ngalezo zinsuku kwafika abaprofethi bevela eJerusalema, beza e-Antiyokiya.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite