Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 18:5 - Contemporary Zulu Bible 2024

5 Kwathi sebefikile oSila loThimothewu bevela eMakedoniya, uPawulu wacindezeleka emoyeni, wafakaza kubaJuda ukuthi uJesu unguKristu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Kepha sebefikile oSila noThimothewu behla eMakedoniya, uPawulu wakhathalela izwi, wafakaza kubaJuda ukuthi uJesu unguKristu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 Kwathi sekufike uSila noThimothewu bevela eMakhedoniya, uPawula wagxila kakhulu ezwini, efakaza kubaJuda ngokuthi uJesu unguKhristu.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

5 Kwathi sebefikile oSila loThimothewu bevela eMakedoniya, uPawulu wacindezeleka emoyeni, wafakaza kubaJuda ukuthi uJesu unguKristu.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 18:5
33 Referans Kwoze  

Ngokuba uthando lukaKristu luyasiqhubezela; ngokuba sibona kanje, ukuthi munye wafela bonke, khona-ke bonke bafile;


Ngokuba wawakholisa kakhulu abaJuda, naphambi kwabantu, ebonakalisa ngemibhalo ukuthi uJesu unguKristu.


ngifakaza kubaJuda nakumaGreki ukuphendukela kuNkulunkulu, nokukholwa eNkosini yethu uJesu Kristu.


Evula efakaza ukuthi uKristu kwakumele ahlupheke, abuye avuke kwabafileyo; nokuthi uJesu lo, engimshumayeza nina, unguKristu.


Kodwa uSawuli waba namandla kakhulu, wasanganisa abaJuda abakhileyo eDamaseku eqinisa ukuthi lo unguKristu.


UMoya wangiphakamisa, wangisusa; ngahamba nginomunyu ekushiseni komoya wami; kepha isandla sikaJehova sasinamandla phezu kwami.


Ngase ngithi: “Angisayikumkhuluma, angisayikukhuluma egameni lakhe.” Kepha izwi lakhe lalinjengomlilo ovuthayo ovalelwe emathanjeni ami enhliziyweni yami;


Ngalokho ngigcwele ukufutheka kukaJehova; ngikhathele ukuzibamba; ngiyakuthululela phezu kwabantwana bangaphandle naphezu kwenhlangano yezinsizwa kanyekanye;


Ngokuba ngicindezelekile phakathi kokubili, nginesifiso sokumuka ngiyekuba noKristu; okuyinto engcono kakhulu:


Ngakho-ke yonke indlu ka-Israyeli mayazi isibili, ukuthi uNkulunkulu umenzile iNkosi noKristu yena lowo Jesu enambethela esiphambanweni.


NgoSilvanu umzalwane othembekileyo njengokucabanga kwami, ngilobele kini kafushane, ngikhuthaza, ngifakaza ukuthi lo ngumusa oqinisileyo kaNkulunkulu;


sathuma uThimothewu umzalwane wethu, isikhonzi sikaNkulunkulu, nesisebenzi kanye nathi evangelini likaKristu, ukuze aniqinise, aniduduze ekukholweni kwenu;


Kwabonakala umbono kuPawulu ebusuku; kwakumi indoda yaseMakedoniya, imncenga, ithi: Welela eMakedoniya, usisize.


Khona wafika eDerbe naseListra; bheka, kwakukhona lapho umfundi othile, uThimothewu igama lakhe, indodana yowesifazane ongumJuda okholiweyo; kepha uyise wayengumGreki.


Kwaba kuhle-ke kubaphostoli namalunga kanye nebandla lonke ukuthumela amadoda athile phakathi kwabo e-Antiyokiya kanye noPawulu noBarnaba; okungukuthi uJuda othiwa uBarsaba, noSila, izinduna phakathi kwabazalwane;


Wasiyala ukuba sishumayele kubantu, sifakaze ukuthi nguye omiswe nguNkulunkulu ukuba abe nguMahluleli wabaphilayo nabafileyo.


Ngokuba thina asinakuyeka ukukhuluma ngalokho esikubonileyo nesikuzwileyo.


Nani-ke nizafakaza, ngokuba beninami kwasekuqaleni.


Base bemhaqa abaJuda, bathi kuye: “Koze kube nini usenza singabaze na? Uma unguKristu, sitshele ngokusobala.


Nani ngokwenu niyangifakazela ukuthi ngathi: Angisuye uKristu mina, kodwa ngithunyiwe ngaphambi kwakhe.


Yena wafumana kuqala umfowabo uSimoni, wathi kuye: “Simfumene uMesiya” okungukuthi ngokuhunyushwa uKristu.


Kepha nginombhapathizo engizakubhapathizwa ngawo; futhi yeka indlela engicindezelekile ngayo kuze kufezeke!


Kepha mina ngigcwele amandla ngoMoya kaJehova, nobulungisa namandla, ukuze ngishumayele kuJakobe isiphambeko sakhe, no-Israyeli isono sakhe.


Ngokuba nginabafowethu abayisihlanu; ukuze afakaze kubo, hlezi nabo beze kulendawo yokuhlupheka.


Sisuka lapho saya eFiliphi, umuzi oyinhloko yesifunda saseMakedoniya, uyikoloni; sahlala izinsuku ezithile kulowo muzi.


ngaphandle kokuthi uMoya oNgcwele uyafakaza emizini ngemizi, ethi izibopho nezinhlupheko zingilindile.


Kepha akukho kwalokhu okunginyakazisayo, futhi ukuphila kwami angikuthathi njengokubalulekile kimi, ukuze ngiqede inkambo yami ngentokozo, nenkonzo engayamukela eNkosini uJesu yokufakaza ivangeli lomusa kaNkulunkulu.


Ngokuba iNdodana kaNkulunkulu, uJesu Kristu, eyashunyayelwa kini yithina, mina noSilvanu noThimothewu, yayingesiye uyebo noqhabo, kodwa kuyo inguyebo.


Nalapho ngikhona kini ngiswele, angibanga mthwalo kumuntu, ngokuba lokho engintulayo abazalwane abavela eMakedoniya bakuphathile; Ngiyazigcina.


Kodwa khathesi uThimothi esefikile kithi evela kini, esibikele izindaba ezinhle zokukholwa kwenu lothando lwenu, lokuthi lihlala lisikhumbula okuhle, lifisa kakhulu ukusibona, njengoba lathi silibona;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite