Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 17:4 - Contemporary Zulu Bible 2024

4 Abanye kubo bakholwa, bazihlanganisa noPawulu noSila; nesixuku esikhulu samaGreki akholwayo, nabesifazane abadumileyo abangeyingcosana.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Base bevuma abanye kubo, bazihlanganisa noPawulu noSila, futhi nesixuku esikhulu samaGreki akholwayo, kanye nabesifazane abadumileyo abangeyingcosana.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 Abanye kubo bakuvuma lokho, bazihlanganisa noPawula noSila, nesixuku esikhulu samaGriki akholwayo, nabesifazane abaningi abadumileyo.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

4 Abanye kubo bakholwa, bazihlanganisa noPawulu noSila; nesixuku esikhulu samaGreki akholwayo, nabesifazane abadumileyo abangeyingcosana.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 17:4
31 Referans Kwoze  

Ngakho-ke abaningi kubo bakholwa; nabesifazane abahloniphekayo abangamaGreki, namadoda angeyingcosana.


Kepha isixuku somuzi sahlukana phakathi, abanye ngakumaJuda, abanye ngakubaphostoli.


Kwathi sekuhlakazekile umhlangano, abaningi kubaJuda namaproselite akholwayo balandela oPawulu noBarnaba, okwathi bekhuluma kubo, babancenga ukuba bahlale emuseni kaNkulunkulu.


Futhi lokhu abakwenzanga njengokuthemba kwethu, kodwa bazinikela kuqala eNkosini nakithi ngentando kaNkulunkulu.


Abanye bakholwa yilokho okwakhulunywayo, kepha abanye kabakholwa.


Kwaba kuhle-ke kubaphostoli namalunga kanye nebandla lonke ukuthumela amadoda athile phakathi kwabo e-Antiyokiya kanye noPawulu noBarnaba; okungukuthi uJuda othiwa uBarsaba, noSila, izinduna phakathi kwabazalwane;


Kodwa abaJuda bavusa abesifazane abakhonzayo nabahloniphekayo nezikhulu zomuzi, bavusela oPawulu noBarnaba ukuzingelwa, babaxosha emikhawulweni yabo.


ememeza esithi: Madoda akwaIsrayeli, sizani! Lona nguye umuntu ofundisa bonke ezindaweni zonke okuphambene nabantu, nomthetho, nalendawo, futhi engenisa namaGreki ethempelini, wayingcolisa le ndawo engcwele.


Lokho kwenzeka iminyaka emibili; kangangokuthi bonke abakhileyo e-Asiya balizwa izwi leNkosi, amaJuda namaGreki.


Wayeseshumayela esinagogeni isabatha ngamasabatha, wazuza abaJuda namaGreki.


Kepha amadoda athile anamathela kuye, akholwa, okukhona kuwo uDiyonisiyu waseAreyophago, nowesifazane ogama lakhe linguDamari, nabanye kanye nabo.


Ngakho waxoxa esinagogeni nabaJuda nabamesabayo, nasesigcawini imihla ngemihla nababehlangana naye.


Yena uPawulu wathanda ukuba ahambe naye; wamthatha, wamsoka ngenxa yabaJuda ababekulezo zindawo, ngokuba bonke babazi ukuthi uyise ungumGreki.


UPawuli wakhetha uSila, wamuka enikelwe ngabazalwane emseni kaNkulunkulu.


OJudasi noSila, bengabaprofethi nabo, bakhuthaza abazalwane ngamazwi amaningi, babaqinisa.


Ngakho sithumile oJudasi loSila, abazakhuluma kini lezizinto ngomlomo.


Kwathi e-Ikoniyu bangena kanyekanye esinagogeni labaJuda, bakhuluma kwaze kwakholwa isixuku esikhulu sabaJuda namaGreki.


Sebekhululiwe baya kwabakubo, babika konke abapristi abakhulu namalunga ababekushilo kubo.


Bonke abakholwayo babendawonye, bahlanganyela zonke izinto;


Khona abaJuda bakhuluma bodwa, bathi: “Uzakuya ngaphi lo ukuba singamfumani na? Uyakuya kwabahlakazekileyo kwabezizwe, afundise abezizwe na?


Ushonephi othandiweyo wakho, wena muhlekazi kwabesifazane? uphi othandiweyo wakho? ukuze simfune kanye nawe.


Ohamba nabahlakaniphileyo uyakuhlakanipha, kepha umngane weziwula uyabhubha.


Yekani iziwula niphile; uhambe ngendlela yokuqonda.


Izizwe eziningi ziyakuhlangana noJehova ngalolo suku, zibe ngabantu kimi; ngiyakuhlala phakathi kwenu, nazi ukuthi uJehova Sebawoti ungithumile kini.


Khona masinyane abazalwane babamukisa uPawulu noSila ebusuku ukuba baye eBereya; bathi sebefikile, baya esinagogeni labaJuda.


Khona masinyane abazalwane bamukisa uPawulu ukuba ahambe ngaselwandle, kepha oSila noThimothewu basala.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite