Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 17:11 - Contemporary Zulu Bible 2024

11 Labo babenobuntu kunabaseThesalonika, balamukela izwi ngenhliziyo yonke, behlola imibhalo imihla ngemihla ukuthi zinjalo yini lezo zinto;

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Labo-ke babebahle kunabaseThesalonika, balamukela izwi ngenhliziyo yonke, bahlolisisa imibhalo imihla ngemihla ukuba zinjalo yini lezo zinto.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

11 Laba babengcono kunabaseThesalonika, ngokuba balemukela izwi ngenhliziyo yonke, behlolisisa imibhalo imihla ngemihla ukuba zinjalo yini lezo zinto.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

11 Labo babenobuntu kunabaseThesalonika, balamukela izwi ngenhliziyo yonke, behlola imibhalo imihla ngemihla ukuthi zinjalo yini lezo zinto;

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 17:11
34 Referans Kwoze  

Funani incwadi kaJehova, nifunde; ngokuba umlomo wami uyakuyala, nomoya wakhe ukubuthile.


Hlolani imibhalo; ngokuba nithi ninokuphila okuphakade kuyo; yiyona efakaza ngami.


Ngalokho nathi siyambonga uNkulunkulu singaphezi, ngokuba, lapho namukela izwi likaNkulunkulu enalizwa ngathi, anilamukelanga njengezwi labantu, kodwa njengezwi likaNkulunkulu elisebenzayo ngokweqiniso. Nakini enikholwayo.


Kepha ohlanyelwe emhlabathini omuhle nguye olizwayo izwi, aliqonde; ethela isithelo, enye ngekhulu, enye ngamashumi ayisithupha, enye ngamashumi amathathu.


Mfundise ohlakaniphileyo, uyakuhlakanipha nakakhulu; fundisa olungileyo, khona-ke uyoba nemfundo eyengeziwe.


Umuntu ohlakaniphileyo uyakuzwa, afunde okwengeziwe; nomuntu ohlakaniphileyo uyakufika esilulekweni esihlakaniphileyo.


Nani naba ngabalingisi bethu nabeNkosi, selamukele izwi ekuhluphekeni okukhulu ngentokozo kaMoya oNgcwele;


Kodwa owenza iqiniso uyeza ekukhanyeni, ukuze imisebenzi yakhe ibonakaliswe ukuthi yenziwe kuNkulunkulu.


nangayo yonke inkohliso yokungalungi kwababhubhayo; ngoba kabamukelanga uthando lweqiniso, ukuze basindiswe.


Njengezingane ezisanda kuzalwa langazelelani ubisi lwezwi olungenakonakala, ukuze nikhule ngalo;


Wathi kubo: Lawa angamazwi engawakhuluma kini ngisenani, ukuthi kumele kugcwaliseke konke okulotshiweyo emlayweni kaMozisi, lakubaprofethi, lemahutsheni, mina.


Emthethweni nasebufakazini: uma bengakhulumi njengaleli zwi, kungoba akukho ukukhanya kubo.


Yamukelani ukulaywa kwami, hatshi isiliva; nolwazi kunegolide elihle.


Ngakho-ke lahlani konke ukungcola nokuchichima kobubi, namukele ngobumnene izwi eligxunyekiweyo, elinamandla okusindisa imiphefumulo yenu.


Amehlo ami avala umlindo wobusuku, ukuze ngicabange ngelizwi lakho.


Ngiyaqonda kunabadala, ngokuba ngiyagcina imiyalo yakho.


MEM. O, yeka indlela engiwuthanda ngayo umthetho wakho! lokhu kungukuzindla kwami usuku lonke.


Ngakho ngithumela masinyane kuwe; futhi wenze kahle ukuthi uze. Manje-ke sikhona sonke phambi kukaNkulunkulu ukuba sizwe konke okuyalelwe nguNkulunkulu.


Khona abalamukele izwi lakhe ngokuthokoza babhapathizwa, kwenezelwa ngalona lolosuku abantu abangaba yizinkulungwane ezintathu.


Angibuyanga emyalweni wezindebe zakhe; amazwi omlomo wakhe ngawenza ngaphezu kokudla kwami.


Sebedabule i-Amfipholi ne-Apholoniya, bafika eThesalonika, lapho kwakukhona isinagoge labaJuda.


Abaphostoli nabazalwane baseJudiya bezwa ukuthi nabezizwe balamukele izwi likaNkulunkulu.


U-Abrahama wathi kuye: “BanoMose nabaprofethi; mabezwe.


Kodwa mina ngikutshale umvini omuhle, wonke uyimbewu yeqiniso; pho, ungiphendule kanjani ngibe yisithombo esibolile somvini wezizweni na?


Izinto ezifihliweyo zingezikaJehova uNkulunkulu wethu, kodwa izinto ezembuliwe zingezethu nabantwana bethu kuze kube phakade, ukuze senze wonke amazwi alo mthetho.


njengalokho basinikela bona, ababengofakazi bokuzibonela kwasekuqaleni nezikhonzi zezwi;


Usiphe isinkwa sethu semihla ngemihla;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite