Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 16:5 - Contemporary Zulu Bible 2024

5 Ngakho-ke amabandla aqiniswa ekukholweni, anda ngenani imihla ngemihla.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Njalo-ke amabandla aqiniswa ekukholweni, anda ngobuningi imihla ngemihla.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 Ngakho-ke amabandla akhula ekukholweni, anda ngesibalo imihla ngemihla.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

5 Ngakho-ke amabandla aqiniswa ekukholweni, anda ngenani imihla ngemihla.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 16:5
23 Referans Kwoze  

Khona ibandla lathola ukuphumula kulo lonke elaseJudiya, naseGalile, naseSamariya, lisakheka. Behamba ekwesabeni iNkosi, landa ngenduduzo kaMoya oNgcwele.


Bemdumisa uNkulunkulu, bethandeka kubantu bonke. INkosi yenezela ebandleni imihla ngemihla abasindiswayo.


Lelizwi likaNkulunkulu landa; isibalo sabafundi sanda kakhulu eJerusalema; nesixuku esikhulu sabapristi salalela ukholo.


Kepha uNkulunkulu womusa wonke owanibizela enkazimulweni yakhe yaphakade ngoKristu Jesu, senihluphekile isikhashana, uyakuniphelelisa, aniqinise, aniqinise, anisekele.


Wadabula iSiriya neKhilikhiya eqinisa amabandla.


Ngakho njengalokho namamukele uKristu Jesu iNkosi, hambani kuye;


Ngakho-ke, bazalwane bami abathandekayo, yibani ngabagxilile, abangaxegiyo, abavame njalo emsebenzini weNkosi, nazi ukuthi ukusebenza kwenu akusilo ize eNkosini.


Kuye onamandla okuniqinisa ngokwevangeli lami nentshumayelo kaJesu Kristu ngokokwambulwa kwemfihlakalo ebifihliwe kwasekuqaleni;


Kodwa izwi likaNkulunkulu lakhula, landa.


Ningahujwa yizimfundiso eziyizinhlobonhlobo nezingaziwayo. Ngokuba kuhle ukuthi inhliziyo iqiniswe ngomusa; kungeyisikho ngokudla, abangazuzanga ngakho abahlezi kukho.


Kepha iNkosi yethu uJesu Kristu uqobo, noNkulunkulu uBaba wethu owasithandayo nowasipha ngomusa induduzo yaphakade nethemba elihle;


Ukuze aqinise izinhliziyo zenu zingasoleki ebungcweleni phambi kukaNkulunkulu uBaba wethu ekufikeni kweNkosi yethu uJesu Kristu kanye nabangcwele bayo bonke.


sathuma uThimothewu umzalwane wethu, isikhonzi sikaNkulunkulu, nesisebenzi kanye nathi evangelini likaKristu, ukuze aniqinise, aniduduze ekukholweni kwenu;


Ngakho yimani niqinile enkululekweni uKristu asikhulule ngayo, ningabe nisaboshelwa ejokeni lobugqila.


Isandla seNkosi sasinabo, kwakholwa isixuku esikhulu saphendukela eNkosini.


Abakholwayo baqhubeka benezelwa eNkosini, izixuku zabesilisa nabesifazane.


Kepha abaningi kwabezwayo izwi bakholwa; umumo wamadoda wawungathi izinkulungwane ezinhlanu.


Inhloko ka-Efrayimi yiSamariya, nenhloko yeSamariya yindodana kaRemaliya. Uma ningakholwa, anisoze naqinisekiswa.


Bavuka ekuseni kakhulu, basuka baya ehlane laseThekhowa; ekuphumeni kwabo, uJehoshafati wema, wathi: “Ngizweni, Juda, nani bakhileyo eJerusalema! Kholwani nguJehova uNkulunkulu wenu, niyakuqiniswa; kholwani ngabaprofethi bakhe, niyakuphumelela.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite