Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 16:31 - Contemporary Zulu Bible 2024

31 Basebesithi: Kholwa yiNkosi uJesu, njalo uzasindiswa wena lendlu yakho.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

31 Bona bathi: “Kholwa yiNkosi uJesu, yikhona uzakusindiswa wena nendlu yakho.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

31 Bona bathi: “Kholwa yiNkosi uJesu, yikhona uzakusindiswa, wena nendlu yakho.”

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

31 Basebesithi: Kholwa yiNkosi uJesu, njalo uzasindiswa wena lendlu yakho.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 16:31
31 Referans Kwoze  

Kepha bonke abamamukelayo wabapha amandla okuba babe ngabantwana bakaNkulunkulu, labo abakholwa egameni lakhe;


Okholwa eNdodaneni unokuphila okuphakade; ongakholwa yiNdodana kayikubona ukuphila; kodwa ulaka lukaNkulunkulu luhlezi phezu kwakhe.


Okholwayo abhapathizwe uyakusindiswa; kodwa ongakholwayo uyakulahlwa.


Ngokuba nina nonke ningabantwana bakaNkulunkulu ngokukholwa kuKristu Jesu.


UKrispu induna yesinagoge wakholwa yiNkosi kanye nendlu yakhe yonke; abaningi kwabaseKorinte bezwa bakholwa, babhapathizwa.


Bhekani Kimi, nisindiswe, nonke mikhawulo yomhlaba, ngokuba nginguNkulunkulu, akakho omunye.


Ngiyakumisa isivumelwano sami phakathi kwami nawe nenzalo yakho emva kwakho ezizukulwaneni zayo sibe yisivumelwano esiphakade, ngibe nguNkulunkulu kuwe nakuyo inzalo yakho emva kwakho.


Kepha umbhalo uvalile konke phansi kwesono, ukuze isithembiso ngokukholwa nguJesu Kristu siphiwe abakholwayo.


Kepha siyakholwa ukuthi siyakusindiswa ngomusa weNkosi uJesu Kristu, njengalokho nabo.


Ayikho insindiso ngomunye, ngokuba alikho elinye igama phansi kwezulu elinikiwe ebantwini, esimelwe ukusindiswa ngalo.


Base bekhuluma kuye izwi leNkosi nakubo bonke ababesendlini yakhe.


Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Okholwa yimi unokuphila okuphakade.


Le yintando yalowo ongithumileyo, ukuthi wonke obona iNdodana, akholwe kuyo, abe lokuphila okuphakade, lami ngizamvusa ngosuku lokucina.


Ngizabanika inhliziyo eyodwa lendlelanye, ukuze bangesabe kuze kube nininini, kube yinzuzo yabo leyabantwana babo emva kwabo.


ukuze isibusiso sika-Abrahama sibe phezu kwabezizwe ngoKristu Jesu; ukuze samukele isithembiso sikaMoya ngokukholwa.


Kuthe esebhapathiziwe kanye nendlu yakhe, wasincenga, wathi: “Uma nithi ngikholekile eNkosini, ngenani endlini yami, nihlale khona. Futhi wasicindezela.


Kodwa lezi zilotshiwe, ukuze likholwe ukuthi uJesu unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu; ukuze ngokukholwa nibe nokuphila ngegama lakhe.


Bheka, umphefumulo wakhe oziphakamisile awulungile kuye, kepha olungileyo uyakuphila ngokholo lwakhe.


Ngokuba ngiyamazi, ukuze ayale abantwana bakhe nendlu yakhe emva kwakhe, bagcine indlela yeNkosi, benze ukulunga nokulunga; ukuze uJehova amehlisele u-Abrahama lokho ekushilo ngaye.


Ngokuba uma ulibo lungcwele, nenhlama ingcwele; uma impande ingcwele, namagatsha anjalo.


Kwathi besahamba endleleni, bafika emanzini; umthenwa wathi: Khangela, nanka amanzi; kwalani ukuba ngibhapathizwe na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite