Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 16:25 - Contemporary Zulu Bible 2024

25 Kepha phakathi kobusuku oPawulu noSila bakhuleka, bamdumisa uNkulunkulu ngamahubo, iziboshwa zabezwa.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 Kepha phakathi kobusuku oPawulu noSila bekhuleka bamdumisa uNkulunkulu ngamahubo, iziboshwa zabezwa;

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

25 Kepha phakathi nobusuku uPawula noSila bekhuleka bedumisa uNkulunkulu ngamahubo, iziboshwa zazibalalele.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

25 Kepha phakathi kobusuku oPawulu noSila bakhuleka, bamdumisa uNkulunkulu ngamahubo, iziboshwa zabezwa.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 16:25
38 Referans Kwoze  

Bazalwane bami, nxa nehlelwa yizilingo ngezilingo, anothi kuyinjabulo yodwa;


Phakathi kobusuku ngiyakuvuka ngikudumise ngenxa yezahlulelo zakho ezilungileyo.


Akusikho lokho kuphela, kodwa sizibonga nangezinhlupheko, sazi ukuthi usizi luveza ukubekezela;


Ebusuku ngikhumbula ukuhlabelela kwami, ngikhuluma enhliziyweni yami, nomoya wami ukufunisisa.


Owathi emihleni yenyama yakhe, lapho enikele imikhuleko nokunxusa ngokukhala okunamandla nezinyembezi kuye onamandla okumsindisa ekufeni, wezwiwa ngokwesaba kwakhe;


nikhulumisana ngamahubo, nangezihlabelelo, nangamaculo okomoya, nihlabelele, nihubele eNkosini enhliziyweni yenu;


engithokozayo khathesi ekuhluphekeni kwami ngenxa yenu, njalo enyameni yami ngigcwalisa okusilele kwezinhlupheko zikaKristu ngenxa yomzimba wakhe, oyibandla;


Jabulani ethembeni; ubekezele osizini; niqinise emthandazweni;


Futhi ungibize ngosuku lwenhlupheko: ngizakusindisa, njalo uzangidumisa.


Kepha akakho othi: “Uphi uNkulunkulu, uMdali wami, ohuba ebusuku na?”


Niyakuba nengoma njengasebusuku bomkhosi ongcwele; nokujabula kwenhliziyo, njengalapho umuntu ehamba ephethe umtshingo ukuya entabeni kaJehova, koMninimandla ka-Israyeli.


Ngiyisimangaliso kwabaningi; kepha wena uyisiphephelo sami esinamandla.


Ihubo likaDavide ekuguquleni kwakhe ukuziphatha kwakhe phambi kuka-Abimeleki owamxosha, wahamba. Ngiyakumbonga njalo uJehova; udumo lwakhe luyakuba semlonyeni wami njalo.


Uma nihlanjalazwa ngenxa yegama likaKristu, nibusisiwe; ngokuba uMoya wenkazimulo nokaNkulunkulu uhlezi phezu kwenu;


Yebo, noma nginikelwa emhlatshelweni nasenkonzweni yokukholwa kwenu, ngiyathokoza, ngithokoza kanye nani nonke.


njengabadabukileyo, kodwa abahlezi bethokoza; njengabampofu, kepha senza abaningi bacebe; njengabangenalutho, kanti sinezinto zonke.


Base bemuka ebusweni bomphakathi bethokoza, ngokuba kwakuthiwe bafanele ukudunyazwa ngenxa yegama lakhe.


Manje yizwa, Joshuwa, mpristi omkhulu, wena nabangane bakho abahlala phambi kwakho, ngoba bangabantu abamangalisayo, ngoba bheka, ngiyoveza inceku yami, iHLUmela.


Ngakhumbula igama lakho, Jehova, ebusuku, ngagcina umthetho wakho.


Kepha uJehova uyakuyala umusa wakhe emini, nasebusuku ingoma yakhe ibe nami, nomkhuleko wami kuNkulunkulu wokuphila kwami.


Esosizini olunzima wakhuleka eqinisela, izithukuthuku zakhe zaba njengamathonsi egazi, aconsela emhlabathini.


Uyakungibiza, ngimphendule; ngiyakuba naye osizini; ngiyakumkhulula, ngimdumise;


Ngosuku losizi lwami ngayifuna iNkosi; amathumba ami ageleza ebusuku, awanqamuki; umphefumulo wami wala ukududuzwa.


Ukhona yini phakathi kwenu ohluphekayo? akakhuleke. Ingabe kukhona okujabulisayo? makahube amahubo.


Nkulunkulu wami, ngiyabiza emini, kepha awuzwa; nasebusuku, angithuli.


Kwaba kuhle-ke kubaphostoli namalunga kanye nebandla lonke ukuthumela amadoda athile phakathi kwabo e-Antiyokiya kanye noPawulu noBarnaba; okungukuthi uJuda othiwa uBarsaba, noSila, izinduna phakathi kwabazalwane;


Abaphathi bakhe sebebonile ukuthi ithemba lenzuzo yabo seliphelile, babamba oPawulu noSila, babadonsela esigcawini kubaphathi;


Wabathatha ngaso leso sikhathi sobusuku, wabageza imivimbo; wabhapathizwa khona lapho, yena nabo bonke abakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite