Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 15:18 - Contemporary Zulu Bible 2024

18 Iyaziwa nguNkulunkulu yonke imisebenzi yakhe kwasekuqaleni kwezwe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 okwaziwa kwaphakade.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

18 okwaziwayo kwaphakade.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

18 Iyaziwa nguNkulunkulu yonke imisebenzi yakhe kwasekuqaleni kwezwe.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 15:18
17 Referans Kwoze  

nokwenza bonke babone ukuthi iyini inhlanganyelo yemfihlakalo ebifihliwe kuNkulunkulu kusukela kwasekuqaleni, owadala izinto zonke ngoJesu Kristu;


Njengalokho wasikhetha kuye ngaphambi kokusekelwa kwezwe, ukuze sibe ngcwele, singasoleki phambi kwakhe othandweni;


Owamiselwa ngaphambili ngaphambi kokusekelwa kwezwe, kodwa wabonakaliswa kulezikhathi zokugcina ngenxa yenu;


kuye futhi sazuza ifa kuye, esamiselwa ngaphambili ngokwenjongo yalowo osebenza zonke izinto ngokwecebo lentando yakhe;


Wazenza izizwe zonke ngegazi linye ukuba zihlale ebusweni bonke bomhlaba, wamisa izikhathi ezimisiweyo nemikhawulo yokuhlala kwazo;


UNkulunkulu akasiye umuntu ukuba aqambe amanga; nendodana yomuntu ukuba iphenduke; wathi futhi ngeke? noma ukhulumile angalungisi na?


Kepha thina simelwe ukubonga njalo kuNkulunkulu ngani, bazalwane abathandwa yiNkosi, ngokuba kwasekuqaleni uNkulunkulu wanikhethela ukusindiswa ngokungcweliswa kukaMoya nangokukholwa yiqiniso;


ukuze kugcwaliseke okwakhulunywa ngomprofethi ukuthi: Ngizavula umlomo wami ngemifanekiso; ngizakhuluma izinto ebezifihliwe kusukela ekusekelweni komhlaba.


Isilo owasibonayo sasikhona, kodwa asisekho; bayakwenyuka bephuma kwalasha, baye ekubhujisweni; bayakumangala abahlezi emhlabeni, abamagama abo angalotshwanga encwadini yokuphila kusukela ekusekelweni komhlaba, lapho bebona isilo esasikhona, ayikho, kanti nokho ikhona.


Nabo bonke abakhileyo emhlabeni bayakukhuleka kuso, abamagama abo angalotshwanga encwadini yokuphila yeWundlu elihlatshiweyo kusukela ekusekelweni komhlaba.


Khona iNkosi izakuthi kwabangakwesokunene sayo: Wozani lina elibusiswe nguBaba, lidle ilifa lombuso eliwulungiselweyo selokhu kwasekelwa umhlaba.


Ngubani onjengami oyakumemeza, akumemezele, angiqinisele khona, selokhu ngamisa abantu abadala na? futhi izinto ezizayo nezizofika, makwazeke kubo.


Khuluma lokhu futhi ubasondeze; yebo, mabacebisane kanyekanye: Ngubani owashumayela lokhu kwasendulo na? ubani owakutshela kusukela lapho? Angithi mina uJehova? futhi akakho omunye uNkulunkulu ngaphandle kwami; uNkulunkulu olungileyo noMsindisi; akakho omunye ngaphandle kwami.


Ukuze badle ilifa lensali yakwaEdomi lazo zonke izizwe ezibizwa ngebizo lami,” kutsho uJehova owenza lokhu.


Kodwa kuyoba usuku olulodwa oluyokwaziwa nguJehova, kungabi yimini noma ebusuku; kodwa kuzakhanya kusihlwa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite