Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 13:47 - Contemporary Zulu Bible 2024

47 Ngokuba iNkosi yasiyala kanjalo, ithi: “Ngikubekile ukuba ube ngukukhanya kwabezizwe, ube yinsindiso kuze kube semikhawulweni yomhlaba.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

47 Ngokuba iNkosi isiyalezile kanjalo ukuthi: “ ‘Ngikubekile ube ngukukhanya kwabezizwe, ube yinsindiso kuze kube semkhawulweni womhlaba.’ ”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

47 INkosi isiyale kanjalo yathi: “ ‘Ngikubekile ube ngukukhanya kwabezizwe, ube yinsindiso kuze kube semkhawulweni womhlaba.’ ”

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

47 Ngokuba iNkosi yasiyala kanjalo, ithi: “Ngikubekile ukuba ube ngukukhanya kwabezizwe, ube yinsindiso kuze kube semikhawulweni yomhlaba.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 13:47
35 Referans Kwoze  

Wathi: “Kuyinto elula ukuba ube yinceku yami ukuvusa izizwe zakwaJakobe nokubuyisela abalindi bakwa-Israyeli; ngizakukunika ube ngukukhanya kwabezizwe, ukuze ube yinsindiso yami. Ekupheleni komhlaba.


Mina, Jehova, ngikubizile ngokulunga, ngiyakubamba isandla sakho, ngikugcine, ngikubeke ube yisivumelwano sezizwe, ube ngukukhanya kwabezizwe;


ukukhanya kokukhanyisa abezizwe, nenkazimulo yabantu bakho u-Israyeli.


Bhekani Kimi, nisindiswe, nonke mikhawulo yomhlaba, ngokuba nginguNkulunkulu, akakho omunye.


Kodwa umumo wabantwana bakwa-Israyeli uyakuba ngangesihlabathi solwandle esingenakulinganiswa nokubalwa; nasendaweni lapho kwathiwa kubo: Anisibo abantu bami, kuyakuthiwa kubo: Ningabantwana bakaNkulunkulu ophilayo.


Ukuze badle ilifa lensali yakwaEdomi lazo zonke izizwe ezibizwa ngebizo lami,” kutsho uJehova owenza lokhu.


Abezizwe bayakuza ekukhanyeni kwakho, namakhosi ekukhazimuleni kokuvuka kwakho.


Bheka, inceku yami engiyisekelayo; abakhethiweyo bami othokoza ngabo umphefumulo wami; ngibekile uMoya wami phezu kwakhe: uyakuletha ukwahlulela kwabezizwe.


ukuze uKristu ahlupheke, abe ngowokuqala ukuvuka kwabafileyo, amemezele ukukhanya kubantu nakwabezizwe.


Yathi kimi: ‘Hamba, ngokuba mina ngiyakukuthuma kude kwabezizwe.


Kodwa iNkosi yathi kuye: Hamba;


Kepha nizakwamukeliswa amandla, uMoya oNgcwele esefikile phezu kwenu, nibe ofakazi bami eJerusalema, naseJudiya lonke, naseSamariya, kuze kube sekugcineni komhlaba.


Wathi kubo: “Hambani niye ezweni lonke, nishumayele ivangeli kukho konke okudaliweyo.


Ngakho hambani nifundise izizwe zonke, nibabhapathize egameni likaYise, neleNdodana, nelikaMoya oNgcwele;


Izizwe eziningi ziyakuhlangana noJehova ngalolo suku, zibe ngabantu kimi; ngiyakuhlala phakathi kwenu, nazi ukuthi uJehova Sebawoti ungithumile kini.


UJehova wembulile ingalo yakhe engcwele phambi kwamehlo azo zonke izizwe; futhi yonke imikhawulo yomhlaba iyakubona insindiso kaNkulunkulu wethu.


Kutshunyayelwe ebizweni lakhe ukuphenduka lokuthethelelwa kwezono ezizweni zonke, kuqalwe eJerusalema.


Ngoba kusukela ekuphumeni kwelanga kuze kube sekutshoneni kwalo ibizo lami lizakuba likhulu phakathi kwezizwe; nasezindaweni zonke kuyoshiselwa igama lami umnikelo ohlanzekile, ngokuba igama lami liyakuba likhulu phakathi kwezizwe,” usho uJehova Sebawoti.


Insali kaJakobe iyakuba phakathi kwezizwe eziningi njengamazolo avela kuJehova, njengezihlambi etshanini, engalinde muntu, engalindeli abantwana babantu.


Jehova, mandla ami, nenqaba yami, nesiphephelo sami ngosuku lwenhlupheko, abezizwe bayakuza kuwe bevela emikhawulweni yomhlaba, bathi: Obaba badla ifa lamanga, okuyize, nezinto ezingenakusiza.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite