Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 13:26 - Contemporary Zulu Bible 2024

26 Madoda, bazalwane, bantwana bozalo lukaAbrahama, labo phakathi kwenu abamesabayo uNkulunkulu, ilizwi lale nsindiso lithunyelwe kini.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

26 “Madoda, bazalwane, madodana ohlanga luka-Abrahama, nabaphakathi kwenu abamesabayo uNkulunkulu, izwi lale nsindiso lithunyelwe kithi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

26 “Madoda, bazalwane, madodana olibo luka-Abhrahama, nalabo phakathi kwenu abesaba uNkulunkulu; izwi lale nsindiso lithunyelwe kithi.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

26 Madoda, bazalwane, bantwana bozalo lukaAbrahama, labo phakathi kwenu abamesabayo uNkulunkulu, ilizwi lale nsindiso lithunyelwe kini.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 13:26
28 Referans Kwoze  

Ngokuba ithemba enibekelwe lona ezulwini, enalizwa ngaphambili ngezwi leqiniso levangeli;


Enimethembayo nani, seselizwile izwi leqiniso, ivangeli lokusindiswa kwenu;


Ngokuba anginamahloni ngevangeli likaKristu, ngokuba lingamandla kaNkulunkulu kube yinsindiso kulowo nalowo okholwayo; kumJuda kuqala, nakumGreki futhi.


ukuze anike abantu bakhe ulwazi lwensindiso ngokuthethelelwa kwezono zabo,


Usivusele uphondo lwensindiso endlini kaDavide inceku yakhe;


Ngisondeza ukulunga kwami; akuyikuba kude, nensindiso yami ayiyikulibala; ngiyakubeka insindiso eSiyoni ku-Israyeli, inkazimulo yami.


Khona oPawulu noBarnaba bakhuluma isibindi, bathi: “Bekufanele ukuba izwi likaNkulunkulu likhulunywe kini kuqala;


Kwathi sekuhlakazekile umhlangano, abaningi kubaJuda namaproselite akholwayo balandela oPawulu noBarnaba, okwathi bekhuluma kubo, babancenga ukuba bahlale emuseni kaNkulunkulu.


Kodwa ezizweni zonke omesabayo lowenza ukulunga uyamukeleka kuye.


Hambani, nime nikhulume ethempelini kubantu amazwi onke alokhu kuphila.


Ayikho insindiso ngomunye, ngokuba alikho elinye igama phansi kwezulu elinikiwe ebantwini, esimelwe ukusindiswa ngalo.


Kutshunyayelwe ebizweni lakhe ukuphenduka lokuthethelelwa kwezono ezizweni zonke, kuqalwe eJerusalema.


Kodwa yanini kakhulu ezimvini ezilahlekileyo zendlu kaIsrayeli.


Ningacabangi ukusho phakathi kwenu ukuthi: ‘Sinobaba u-Abrahama;’ ngokuba ngithi kini: UNkulunkulu angamvusela u-Abrahama abantwana kulawa matshe.


Yona yamlandela uPawulu nathi, yamemeza yathi: “Laba bantu bayizinceku zikaNkulunkulu oPhezukonke ezishumayela kithi indlela yensindiso.


UNkulunkulu eseyivusile iNdodana yakhe uJesu, wayithuma kini kuqala, ukuze anibusise ngokuniphendula yilowo nalowo ebubini bakhe.


Ngakho-ke makwazeke kini ukuthi usindiso lukaNkulunkulu luthunyelwa kwabezizwe, futhi bayakuzwa.


Zwana lokhu, wena ndlu kaJakobe, elibizwé phezu kwayo igama lika-Israyeli, enaphuma emanzini akwaJuda, enifunga igama likaJehova, nibiza uNkulunkulu ka-Israyeli, kungengeqiniso, noma ukulunga hhayi.


Nina nzalo ka-Abrahama inceku yakhe, bantwana bakaJakobe, abakhethiweyo bakhe!


Kepha wena Israyeli, uyinceku yami, uJakobe engikukhethileyo, inzalo ka-Abrahama umngane wami.


Awusiye uNkulunkulu wethu yini owaxosha abakhileyo kuleli zwe phambi kwabantu bakho u-Israyeli, walinika inzalo ka-Abrahama umngane wakho kuze kube phakade na?


USimoni Petru wamphendula wathi: “Nkosi, siyakuya kubani na? amazwi okuphila okuphakade nguwe.


umuntu okholwayo nowesaba uNkulunkulu kanye nendlu yakhe yonke, abela abantu abampofu izipho eziningi, ekhuleka kuNkulunkulu njalonjalo.


Njengalokhu nompristi omkhulu uyangifakazela, nebandla lonke lamalunga, engamukela kubo izincwadi eziya kubazalwane, ngaya eDamaseku ukuba ngibalethe eJerusalema beboshiwe, ukuze bajeziswe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite