Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 13:17 - Contemporary Zulu Bible 2024

17 UNkulunkulu walesi sizwe sakwa-Israyeli wakhetha okhokho bethu, wabaphakamisa abantu lapho bengabafokazi ezweni laseGibhithe, futhi ngengalo ephakemeyo wabakhipha kulo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 UNkulunkulu walesi sizwe sakwa-Israyeli wabakhetha obaba, wabaphakamisa abantu bengabafokazi ezweni laseGibithe; wabakhipha kulo ngengalo ephakemeyo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

17 uNkulunkulu walesi sizwe sakwa-Israyeli waqoka okhokho bethu, wabenza abantu baba yisizwe esikhulu eGibhithe ababengabafokazi kulo, wabakhipha ngengalo ephakemeyo.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

17 UNkulunkulu walesi sizwe sakwa-Israyeli wakhetha okhokho bethu, wabaphakamisa abantu lapho bengabafokazi ezweni laseGibhithe, futhi ngengalo ephakemeyo wabakhipha kulo.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 13:17
42 Referans Kwoze  

Kepha nina niluhlanga olukhethiweyo, ubupristi obobukhosi, isizwe esingcwele, abantu abazuziweyo; ukuze nishumayele ubukhosi balowo owanibiza niphume ebumnyameni, ningene ekukhanyeni kwakhe okumangalisayo;


Ngokuba nganikhuphula ezweni laseGibithe, nganihlenga endlini yobugqila; ngathuma oMose, no-Aroni, noMiriyamu phambi kwenu.


Nganikhuphula ezweni laseGibithe, nganihambisa ehlane iminyaka engamashumi amane ukuba nidle ifa lezwe lama-Amori.


Kodwa lalela manje, nceku yami Jakobe! no-Israyeli engimkhethileyo.


Ngokuba uJehova uzikhethele uJakobe no-Israyeli ukuba abe yifa lakhe.


Maye kithi! ngubani oyakusikhulula esandleni salaba nkulunkulu abanamandla na? yilabo onkulunkulu abashaya abaseGibithe ngazo zonke izinhlupho ehlane.


Ngoba niyisizwe esingcwele kuJehova uNkulunkulu wenu, futhi uJehova ukukhethile ukuba nibe yisizwe esikhethekile kuzo zonke izizwe ezisemhlabeni.


Oyihlo behlela eGibhithe namadoda angamashumi ayisithupha; manje uJehova uNkulunkulu wakho unenze ngangezinkanyezi zezulu ngobuningi.


Akungenxa yokulunga kwakho noma ngenxa yobuqotho benhliziyo yakho ukuthi uyakudla ifa lezwe labo; kepha ngenxa yobubi balezi zizwe uJehova uNkulunkulu wakho uyakuzixosha phambi kwakho, agcwalise izwi uJehova alifungela oyihlo o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe.


izilingo ezinkulu azibonayo amehlo akho, nezibonakaliso, nezimangaliso, nesandla esinamandla, nengalo eyeluliweyo uJehova uNkulunkulu wakho akukhipha ngakho; kanjalo uJehova uNkulunkulu wakho uyakwenza kuzo zonke izizwe ozesabayo.


Futhi ngenxa yokuthi wabathanda oyihlo, ngakho wakhetha inzalo yabo ngemva kwabo, futhi wakukhipha phambi kwamehlo akhe eGibhithe ngamandla akhe amakhulu;


Noma uNkulunkulu wafuna ukuzibuthela isizwe phakathi kwesinye isizwe ngezilingo, nangezibonakaliso, nangezimangaliso, nangempi, nangesandla esinamandla, nangengalo eyeluliweyo, nangokwesabeka okukhulu, njengakho konke uJehova akwenzileyo. UNkulunkulu wenze kini eGibhithe phambi kwamehlo enu?


Kepha uJehova wanithatha, wanikhipha esithandweni sensimbi, eGibithe, nibe yifa lakhe, njenganamuhla.


Manje sengiyazi ukuthi uJehova mkhulu kunabo bonke onkulunkulu, ngoba endabeni ababezidla ngayo wayephezu kwabo.


Kuyakuba luphawu esandleni sakho nanjengebhande phakathi kwamehlo akho; ngokuba ngesandla esinamandla uJehova wasikhipha eGibithe.


Kuyakuthi lapho indodana yakho ikubuza kamuva ithi: ‘Kuyini lokhu? uthi kuye: ‘Ngesandla esinamandla uJehova wasikhipha eGibithe, endlini yobugqila.


Kwathi ngalona lolo suku uJehova ekhipha abantwana bakwa-Israyeli ezweni laseGibithe ngamabandla abo.


UJehova wayenza lukhuni inhliziyo kaFaro inkosi yaseGibithe, waxosha abantwana bakwa-Israyeli; abantwana bakwa-Israyeli baphuma ngesandla esiphakeme.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite