Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 12:23 - Contemporary Zulu Bible 2024

23 Kwathi masinyane ingelosi yeNkosi yamshaya, ngokuba enganikanga uNkulunkulu udumo; wadliwa yizimpethu, waphuma.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 Kepha ingelosi yeNkosi yamshaya khona lapho, ngokuba enganikanga uNkulunkulu udumo; wadliwa yizimpethu, wafa.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

23 Kepha ingelosi yeNkosi yamshaya khona lapho, ngokuba engamnikanga uNkulunkulu udumo; wadliwa yizimpethu, wafa.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

23 Kwathi masinyane ingelosi yeNkosi yamshaya, ngokuba enganikanga uNkulunkulu udumo; wadliwa yizimpethu, waphuma.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 12:23
30 Referans Kwoze  

Omeleneyo oziphakamisayo phezu kwakho konke okuthiwa nguNkulunkulu, nokukhonzwayo; kangangokuthi yena njengoNkulunkulu uhlala ethempelini likaNkulunkulu, ezibonisa ukuthi unguNkulunkulu.


Ungasiphi thina, Jehova, ungasiphi thina, kodwa ulidumise igama lakho, ngenxa yomusa wakho nangenxa yeqiniso lakho.


Kwathi emva kwezinsuku eziyishumi uJehova wamshaya uNabali, wafa.


Ndodana yomuntu, yisho enduneni yaseTire, uthi: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngoba inhliziyo yakho iphakeme futhi wena wathi: NginguNkulunkulu, ngihlezi esihlalweni sobukhosi sikaNkulunkulu, phakathi kolwandle; nokho ungumuntu hhayi uNkulunkulu, ngisho noma ubeka inhliziyo yakho njengenhliziyo kaNkulunkulu.


Bayakuphuma babone izidumbu zamadoda aphambuke kimi; ngoba impethu yabo kayiyikufa, lomlilo wabo kawuyikucitsha; bayakuba yisinengiso kuyo yonke inyama.


Ngokuba inundu liyakubadla njengengubo, nempethu iyobadla njengoboya bezimvu; kepha ukulunga kwami kuyakuma phakade, nensindiso yami ezizukulwaneni ngezizukulwane.


Futhi kwenzeka ukuthi phakathi kwamabili iNkosi yashaya wonke amazibulo ezweni laseGibhithe, kusukela kulo izibulo likaFaro owayehlezi esihlalweni sakhe sobukhosi, kuya kwizibulo lesiboshwa esasisetilongweni; nawo onke amazibulo ezinkomo.


Usathanda ukuthi phambi kokubulalayo: NginguNkulunkulu? kepha uyakuba ngumuntu, ungabi uNkulunkulu esandleni salowo okubulalayo.


Ngubani omthukile, wamhleba? Uphakamisele bani izwi lakho, uphakamisele amehlo akho phezulu, na? ngisho ngokumelene noNgcwele ka-Israyeli.


Ubukhazikhazi bakho behlele eHayidesi, nomsindo wezingubhu zakho;


Noma izimpethu emva kokuba isikhumba sami siwuqedile lo mzimba, nokho enyameni yami ngiyakumbona uNkulunkulu.


Inyama yami yembeswe izimpethu nezigaxa zothuli; isikhumba sami siphukile futhi siyisinengiso.


UJehova wathuma ingelosi yabulala onke amaqhawe anamandla, nezikhulu, nezinduna ekamu lenkosi yase-Asiriya. Ngakho wabuyela ezweni lakubo enamahloni. Lapho engena endlini kankulunkulu wakhe, abaphuma ezibilinini zakhe bambulala lapho ngenkemba.


Ngalobo busuku kwaphuma ingelosi kaJehova, yabulala abantu abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi ayisishiyagalombili nanhlanu ekamu lama-Asiriya; bavuka ekuseni kakhulu, babeyizidumbu zonke.


Ngokuba uJehova uyakudabula ukuba anqobe abaseGibithe; uma ebona igazi embundwini ongaphezulu nasezinsikeni zombili zomnyango, uJehova uyakudlula ngasemnyango, angamvumeli umchithi ukuba angene ezindlini zenu ukuba anihlule.


Ngiyakudabula izwe laseGibithe ngalobu busuku, ngibulale onke amazibulo ezweni laseGibithe, abantu nezilwane; ngiyakwahlulela bonke onkulunkulu baseGibithe; nginguJehova.


OMose no-Aroni bafika kuFaro, bathi kuye: “Isho kanje iNkosi uJehova, uNkulunkulu wamaHeberu, ithi: Koze kube nini wenqaba ukuzithoba phambi kwami na? yekela abantu bami bahambe, ukuze bangikhonze.


Usaziphakamisa yini phezu kwabantu bami, ukuze ungabayekeli bahambe?


Kepha ingelosi yeNkosi ebusuku yavula iminyango yetilongo, yabakhipha, yathi:


Abantu basebememeza besithi: Yizwi likaNkulunkulu, akusilo elomuntu.


Umuntu uyakudunyiswa ngokokuhlakanipha kwakhe, kepha onenhliziyo embi uyadelelwa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite