Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 11:23 - Contemporary Zulu Bible 2024

23 Owathi efika, esewubonile umusa kaNkulunkulu, wathokoza, wabakhuthaza bonke ukuthi banamathele eNkosini ngokuzimisela kwenhliziyo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 wathi ukuba afike, abone umusa kaNkulunkulu, wathokoza, wabayala bonke ukuba banamathele eNkosini ngokuzimisela inhliziyo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

23 Esefikile, wabona umusa kaNkulunkulu, wathokoza, wabagqugquzela bonke ukuba bazinikele ngenhliziyo, banamathele eNkosini.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

23 owathi efika, esewubonile umusa kaNkulunkulu, wathokoza, wabakhuthaza bonke ukuthi banamathele eNkosini ngokuzimisela kwenhliziyo.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 11:23
37 Referans Kwoze  

Ngakho-ke, bazalwane bami abathandekayo, yibani ngabagxilile, abangaxegiyo, abavame njalo emsebenzini weNkosi, nazi ukuthi ukusebenza kwenu akusilo ize eNkosini.


beqinisa imiphefumulo yabafundi, bebakhuthaza ukuthi bahlale ekukholweni, lokuthi simelwe ukungena embusweni kaNkulunkulu ngokuhlupheka okukhulu.


Kwathi sekuhlakazekile umhlangano, abaningi kubaJuda namaproselite akholwayo balandela oPawulu noBarnaba, okwathi bekhuluma kubo, babancenga ukuba bahlale emuseni kaNkulunkulu.


Manje, bantwanyana, hlalani kuye; ukuze kuthi, nxa esebonakala, sibe lesibindi, singabi lenhloni phambi kwakhe ekufikeni kwakhe.


Kodwa wena usuyazile ngokugcwele imfundiso yami, indlela yokuphila, inhloso, ukholo, ukubekezela, uthando, ukubekezela,


elifikile kini, njengasezweni lonke; lithela isithelo, njengalokhu lisenza lakini, kusukela osukwini elakuzwa ngalo, lawazi umusa kaNkulunkulu ngeqiniso;


Kepha akukho kwalokhu okunginyakazisayo, futhi ukuphila kwami angikuthathi njengokubalulekile kimi, ukuze ngiqede inkambo yami ngentokozo, nenkonzo engayamukela eNkosini uJesu yokufakaza ivangeli lomusa kaNkulunkulu.


Anginayo intokozo enkulu kunaleyo yokuba ngizwe ukuthi abantwana bami bahamba eqinisweni.


Basuka lapho ngomkhumbi, baya e-Antiyokiya, lapho babenikelwe khona emseni kaNkulunkulu emsebenzini asebewufezile.


Kepha bambelelani kuJehova uNkulunkulu wenu, njengalokho nenzile kuze kube namuhla.


Ukuze umthande uJehova uNkulunkulu wakho, ulalele izwi lakhe, unamathele kuye, ngokuba ungukuphila kwenu nobude bezinsuku zenu, ukuze nihlale ezweni uJehova alifungela lona. Oyihlo, o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe, ukubanika bona.


Kumelwe umesabe uJehova uNkulunkulu wakho; kumelwe umkhonze, futhi kumelwe unamathele kuye ufunge igama lakhe.


Hlalani kimi, nami kini. Njengalokhu igatsha lingethele isithelo ngokwalo, ngaphandle kokuthi lihlala emvinini; anisakwazi, uma ningahlali kimi.


Khona uJesu wathi kubafundi bakhe: “Uma umuntu ethanda ukungilandela, makazidele, athabathe isiphambano sakhe, angilandele.


Kepha qaphelani ukwenza umyalo nomthetho uMose inceku kaJehova aniyala ngawo wokuthanda uJehova uNkulunkulu wenu, nihambe ezindleleni zakhe zonke, nigcine imiyalo yakhe, ninamathele kuye, nimkhonze ngayo yonke inhliziyo yenu. Nangawo wonke umphefumulo wakho.


Ngakho-ke lapho ngicabanga kanjalo, ngenza ubuwula na? Noma lokho engikuhlosileyo ngihlose ngokwenyama yini ukuba kimi kube uyebo, yebo, noqhabo?


Manje, bazalwane, ngiyaninikela kuNkulunkulu nasezwini lomusa wakhe, onamandla okulakha, nokuninika ifa phakathi kwabo bonke abangcwelisiwe.


UPawuli wakhetha uSila, wamuka enikelwe ngabazalwane emseni kaNkulunkulu.


UJesu ebona ukukholwa kwabo wathi kofe uhlangothi: “Ndodana, uthethelelwe izono zakho.”


Kepha uDaniyeli wanquma enhliziyweni yakhe ukuthi angazingcolisi ngokudla kwenkosi nangewayini aliphuzayo; ngakho wacela induna yenkundla ukuthi ingamngcolisi.


Futhi uyalala futhi aqamekele njengempango futhi andise iziphambeko phakathi kwabantu.


Ndodana yami, uma inhliziyo yakho ihlakanipha, inhliziyo yami iyojabula, yebo, eyami.


Uyihlolisisile inhliziyo yami; Wangivakashela ebusuku; ningilingile, anizukuthola lutho; Nganquma ukuthi umlomo wami awuyikweqa.


LoJosefa owathiwa ngabaphostoli isibongo esithi nguBarnabasi, okuyikuthi ngokuphendulelwa, indodana yenduduzo, umLevi, welizwe leKhupro,


noma owalayo, ekuyaleni; obusa ngenkuthalo; ohawukelayo, makehle ngokwenama.


Ngakho-ke esiyizisebenzi kanye naye siyanincenga ukuba ningawamukeli ize umusa kaNkulunkulu.


NgoSilvanu umzalwane othembekileyo njengokucabanga kwami, ngilobele kini kafushane, ngikhuthaza, ngifakaza ukuthi lo ngumusa oqinisileyo kaNkulunkulu;


Ngokuba sekungene ngokunyenya abantu abathile, abamiselwa ngaphambili lokhukulahlwa ngaphambili, abangamesabi uNkulunkulu, abaphendula umusa kaNkulunkulu wethu ube ngamanyala, bephika uMbusi oyedwa uNkulunkulu wethu, neNkosi yethu uJesu Kristu.


Ngokuba wanamathela kuJehova, akaphambukanga kuye, kepha wagcina imiyalo yakhe uJehova ayala ngayo uMose.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite