Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 10:4 - Contemporary Zulu Bible 2024

4 Embuka wethuka, wathi: Kuyini, Nkosi? Yathi kuye: “Imikhuleko yakho nokwabela kwakho abampofu izipho kukhuphukele kwaba yisikhumbuzo phambi kukaNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Wayigqolozela enokwesaba, wathi: “Kwenze njani, Nkosi?” Yathi kuye: “Imikhuleko yakho nokwabela kwakho abampofu izipho kwenyukile kwaba yisikhumbuzo emehlweni kaNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 Wayigqolozela enovalo, wathi: “Kwenzenjani, Nkosi na?” Yathi kuye: “Imikhuleko yakho nokwabela kwakho abampofu izipho kwenyukile, kwaba yisikhumbuzo phambi kukaNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

4 Embuka wethuka, wathi: Kuyini, Nkosi? Yathi kuye: “Imikhuleko yakho nokwabela kwakho abampofu izipho kukhuphukele kwaba yisikhumbuzo phambi kukaNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 10:4
24 Referans Kwoze  

Ningakhathazeki ngalutho; kodwa kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu ngokukhuleka nokunxusa kanye nokubonga.


Ngokuba uNkulunkulu akayena ongalungile ukuba akhohlwe umsebenzi wenu nomshikashika wothando enalubonakalisa kulo igama lakhe, ngokukhonza abangcwele, nisabakhonza.


Abamesabayo uJehova bakhulumisana bodwa;


Yathi: “Korneliyu, ukukhuleka kwakho kuzwakele, nomusa wakho womusa ukhunjulwe phambi kukaNkulunkulu.


Umusi wempepho wenyuka kanye nemikhuleko yabangcwele phambi kukaNkulunkulu uphuma esandleni sengelosi.


Umkhuleko wami mawube yimpepho phambi kwakho; nokuphakanyiswa kwezandla zami njengomhlatshelo.


Kepha nginakho konke, ngiyachichima, sengamukele ku-Ephafrodithu izinto ezavela kini, iphunga elimnandi, nomhlatshelo owamukelekayo, othokozisayo kuNkulunkulu.


Kepha ningakhohlwa ukwenza okuhle nokuphana, ngokuba iminikelo enjalo uNkulunkulu uthokoziswa yiyo.


Kwathi eyibona wethuka ngezwi layo, wacabanga ukuthi kungaba kubingelela bani lokhu.


Ngiqinisile ngithi kini: Nomaphi lapho elizashunyayelwa khona lelivangeli emhlabeni wonke, kuyakuba-khona nalokhu akwenzileyo lona wesifazane, kube yisikhumbuzo ngaye.


Yathi kimi: “Daniyeli, indoda ethandekayo, qonda amazwi engiwakhuluma kuwe, ume uqonde, ngokuba manje ngithunyiwe kuwe. Lapho ekhuluma leli zwi kimi, ngema ngithuthumela.


Ngikhumbule; asilwe sodwa; ngimemezele, ukuze uthiwe ulungile.


Ngalezo zinsuku uHezekiya wagula waze wafa, wakhuleka kuJehova; wakhuluma kuye, wamnika isibonakaliso.


Khona-ke lalela usezulwini, lapho uhlala khona, wenze njengoba nje umfokazi ememeza kuwe; ukuze zonke izizwe zomhlaba zilazi ibizo lakho, zikwesabe, njengabantu bakho uIsrayeli, njalo zazi ukuthi ibizo lakho liyabizwa phezu kwalendlu engiyakhileyo.


UJehova weza wema, wabiza njengakuqala, wathi: Samuweli, Samuweli! USamuweli wasesithi: Khuluma; ngoba inceku yakho iyezwa.


Ngasengisithi: Ngizakwenzani, Nkosi? INkosi yasisithi kimi: Sukuma uye eDamaseko; lapho-ke uzatshelwa khona ngakho konke okumiselwe wena ukuthi ukwenze.


Besaba bekhothamele phansi ngobuso, bathi kubo: “Nifunelani ophilayo kwabafileyo na?


Angikhulumanga ekusithekeni, endaweni emnyama yomhlaba; Angishongo enzalweni kaJakobe ukuthi: Ngifuneni ngeze; Mina, Jehova, ngikhuluma ubulungisa, ngimemezela ubulungisa.


Kumelwe uwulethe emadodaneni ka-Aroni, abapristi; athabathe isandla sakhe kufulawa wakhe nasemafutheni akhe kanye nayo yonke impepho ekuyo; umpristi ashise isikhumbuzo sawo e-altare njengomnikelo womlilo wephunga elimnandi kuJehova.


Khumbula yonke iminikelo yakho, wamukele umnikelo wakho wokushiswa; Sela.


UPetro wasemgqolozela kanye loJohane, wathi: Sikhangele.


Yona yamuzwa uPawuli ekhuluma, owayigqolozela, ebona ukuthi ulokholo lokusiliswa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite