Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 10:34 - Contemporary Zulu Bible 2024

34 UPetro wasevula umlomo wakhe, wathi: Ngeqiniso ngiyabona ukuthi uNkulunkulu kabheki ubuso.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

34 Khona uPetru wavula umlomo, wathi: “Nembala ngiyabona ukuthi uNkulunkulu akabheki ubuso bamuntu,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

34 UPhethro wayesethatha ekhuluma, ethi: “Impela kuyangicacela ukuthi uNkulunkulu akabheki ubuso bomuntu,

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

34 UPetro wasevula umlomo wakhe, wathi: Ngeqiniso ngiyabona ukuthi uNkulunkulu kabheki ubuso.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 10:34
23 Referans Kwoze  

Ngokuba akukho ukukhetha komuntu kuNkulunkulu.


Ngakho ukumesaba uJehova makube phezu kwenu; Qaphelani, nikwenze, ngokuba akukho bubi kuJehova uNkulunkulu wethu, nokukhetha ubuso nokwamukela izipho.


Ngokuba uJehova uNkulunkulu wenu unguNkulunkulu wawonkulunkulu, neNkosi yamakhosi, uNkulunkulu omkhulu, onamandla nonamandla, ongakhethi buso bamuntu, ongamukeli umvuzo.


Kepha owenza okubi uyakwamukeliswa okubi akwenzileyo; akukho ukukhetha komuntu.


Kangakanani-ke ngongamukeli ubuso bezikhulu, futhi ongabheki ocebile kunompofu? ngoba bonke bangumsebenzi wezandla zakhe.


Futhi uma nibiza uBaba owahlulela wonke umuntu ngokomsebenzi womuntu engakhethi buso, sebenzisani isikhathi sokuhlala kwenu lapha ngokwesaba;


Nani makhosi, yenzani okufanayo kubo, niyeke ukusongela, nazi ukuthi iNkosi yenu nayo isezulwini; futhi akukho ukukhetha ubuso kuye.


Bambuza-ke, bathi: “Mfundisi, siyazi ukuthi ukhuluma ufundise kahle, awukhethi buso bamuntu, kodwa ufundisa indlela kaNkulunkulu ngeqiniso;


Kepha uma nikhetha abantu, nenza isono, nilahlwa ngumthetho njengabaweqayo.


lapho kungekho khona umGreki nomJuda, ukusoka nokungasoki, owezizwe, umSkithe, isigqila noma okhululekile, kepha uKristu uyikho konke, ukubo bonke.


Kodwa kulaba abathi banje, (loba babeyini, kakunandaba kimi, uNkulunkulu kakhethi ubuso bamuntu;


Ngakho anibandlululi yini, naze naba ngabahluleli bemicabango emibi na?


Ungachithi ukwahlulela; awuyikubanaka abantu, ungamukeli isipho, ngokuba isipho siphuphuthekisa amehlo abahlakaniphileyo, siphendukezela amazwi abalungileyo.


Bathuma kuye abafundi babo kanye nabakaHerode, bathi: “Mfundisi, siyazi ukuthi uqinisile, ufundisa indlela kaNkulunkulu ngeqiniso, awukhathali ngamuntu, ngokuba awubheki ubuso babantu.


Wasevula umlomo wakhe, wabafundisa, wathi:


UFiliphu wayesevula umlomo wakhe, waqala ngawo lowo mbhalo, washumayela ivangeli ngoJesu.


Ningakhethi abantu ekwahluleleni; kepha niyakuzwa omncane nomkhulu; akufanele wesabe ubuso bomuntu; ngoba ukwahlulela kungokukaNkulunkulu; necala elinisindayo nililethe kimi, ngilizwe.


Ngakho ngithumela masinyane kuwe; futhi wenze kahle ukuthi uze. Manje-ke sikhona sonke phambi kukaNkulunkulu ukuba sizwe konke okuyalelwe nguNkulunkulu.


Akabekanga umehluko phakathi kwethu nabo, ehlambulula izinhliziyo zabo ngokholo.


Kambe unguNkulunkulu wabaJuda kuphela? Akasiye yini nowabezizwe? Yebo, nakwabezizwe:


Bazalwane bami, ukukholwa kwenu yiNkosi yethu yenkazimulo uJesu Kristu makungabi ngokukhetha abantu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite