Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 1:16 - Contemporary Zulu Bible 2024

16 Madoda, bazalwane, kwakumele ukuba kugcwaliseke lombhalo uMoya oNgcwele owakhuluma ngaphambili ngomlomo kaDavida ngoJudasi owayengumkhokheli walabo abambamba uJesu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 “Madoda, bazalwane, kwakumelwe ukuba kugcwaliseke umbhalo uMoya oNgcwele awukhulumayo ngaphambili ngomlomo kaDavide ngoJuda owayengumholi kulabo ababamba uJesu,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

16 “Madoda, bazalwane, kwakumele ukuba ugcwaliseke umbhalo, uMoya oNgcwele awukhuluma phambilini ngomlomo kaDavide ngoJuda owayengumholi walabo ababamba uJesu,

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

16 Madoda, bazalwane, kwakumele ukuba kugcwaliseke lombhalo uMoya oNgcwele owakhuluma ngaphambili ngomlomo kaDavida ngoJudasi owayengumkhokheli walabo abambamba uJesu.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 1:16
38 Referans Kwoze  

Yebo, nomngane wami engangimethemba, owayedla isinkwa sami, wangiphakamisela isithende sakhe.


Kangikhulumi ngani lonke; ngiyabazi engibakhethileyo, kodwa ukuze kugcwaliseke umbhalo othi: Odla isinkwa lami ungiphakamisele isithende sakhe.


Ngokuba kulotshiwe encwadini yamaHubo ukuthi: “Umuzi wakhe mawube yincithakalo, kungahlali muntu kuwo;


Kepha konke lokhu kwenzeka ukuba kugcwaliseke imibhalo yabaprofethi. Khona bonke abafundi bamshiya, babaleka.


Kodwa ingagcwaliseka njani imibhalo yokuthi kumele kube njalo?


Esakhuluma, bheka, kwafika uJudasi, omunye wabayishumi nambili, enesixuku esikhulu siphethe izinkemba nezinduku, sivela kubapristi abakhulu namalunga abantu.


behlolisisa ukuthi yisiphi, loba esinjani isikhathi uMoya kaKristu owayekubo, efakaza ngaphambili ngenhlupheko zikaKristu, lenkazimulo eyayiza kulandela.


Masinyane, esakhuluma, kwafika uJuda, omunye wabayishumi nambili, enesixuku esikhulu siphethe izinkemba nezinduku, sivela kubapristi abakhulu nababhali namalunga.


Ngokuba ngabe kwaba ngcono kubo ukuba bebengayazanga indlela yokulunga kunokuba sebeyazi bafulathele umyalo ongcwele abawunikwayo.


Kodwa uPawuli esekwazi ukuthi enye ingxenye ingabaSadusi lelinye ingabaFarisi, wamemeza emphakathini wathi: Madoda, bazalwane, mina ngingumFarisi, indodana yomFarisi; umbuzo.


UPawuli wawugqolozela umphakathi, wathi: “Madoda, bazalwane, mina ngihambile phambi kukaNkulunkulu nginonembeza wonke omuhle kuze kube namuhla.


Madoda, bazalwane, nawobaba, yizwani ukuziphendulela kwami kini manje.


Kwathi sekunempikiswano enkulu, wasukuma uPetru, wathi kubo: “Madoda, bazalwane, niyazi nina ukuthi kusukela kudala uNkulunkulu wakhetha phakathi kwethu ukuba abezizwe bezwe izwi levangeli ngomlomo wami, bakhulume izwi levangeli kholwani.


Ngakho makwazeke kini, madoda bazalwane, ukuthi ngalowo kumenyezelwa kini ukuthethelelwa kwezono;


Kwathi sekufundiwe umlayo labaprofethi, abaphathi besinagoge bathumela kubo, besithi: Madoda, bazalwane, uba lilolizwi lokukhuthaza abantu, khulumani.


Wasesithi: Madoda, bazalwane, labobaba, lalelani; UNkulunkulu wenkazimulo wabonakala kubaba wethu u-Abrahama eseMesophothamiya, engakakhi eHarana;


Kwathi sebezwile lokho bahlabeka enhliziyweni, bathi kuPetro lakwabanye abaphostoli: Madoda, bazalwane, sizakwenzani?


yena esenikelwe ngecebo elimisiweyo nangokwazi kukaNkulunkulu ngaphambili, namthatha, ngezandla zababi nambethela, nambulala;


Ngoba lezizinto zenziwa ukuze kugcwaliseke umbhalo othi: Akuyikuphulwa thambo lakhe.


Uma wababiza ngokuthi ngonkulunkulu, okwafika kubo izwi likaNkulunkulu, nombhalo ungeqiwe;


Esakhuluma, bheka, isixuku, naye othiwa uJuda, omunye wabayishumi nambili, wayehamba phambi kwabo, wasondela kuJesu ukumanga.


Ngoba uDavida uqobo lwakhe ngoMoya oNgcwele wathi: INkosi yathi eNkosini yami: Hlala ngakwesokunene sami, ngize ngenze izitha zakho zibe yisenabelo senyawo zakho.


UMoya kaJehova wakhuluma ngami, nezwi lakhe lalisolimini lwami.


Kwathi bengavumelananga phakathi kwabo, basuka uPawuli esekhulume ilizwi linye lokuthi: Ukhulume kuhle uMoya oNgcwele ngoIsaya umprofethi kokhokho bethu.


Kwathi emva kwezinsuku ezintathu uPawuli wabizela ndawonye izikhulu zabaJuda; nokho nganikelwa eJerusalema ngiyisiboshwa ezandleni zamaRoma.


Sebethulile, uJakobe waphendula wathi: Madoda, bazalwane, ngizweni.


Khona kwasuka omunye wabayishumi nambili, othiwa uJuda Iskariyothe, waya kubapristi abakhulu,


Ngisenabo ezweni ngabagcina egameni lakho labo onginike bona, ngibagcinile; ukuze kugcwaliseke umbhalo.


Ngokuba isiprofetho asifikanga endulo ngentando yomuntu, kepha abantu abangcwele bakaNkulunkulu bakhuluma beqhutshwa nguMoya oNgcwele.


Leli yizwi likaJehova alikhuluma kuJehu ngokuthi: “Amadodana akho ayakuhlala esihlalweni sobukhosi sika-Israyeli kuze kube isizukulwane sesine. Futhi kwenzeka.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite