Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzAga 8:17 - Contemporary Zulu Bible 2024

17 Ngiyabathanda abangithandayo; futhi labo abaNgifuna kusenesikhathi bayongithola.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Ngiyathanda abangithandayo; abangifunayo bayakungifumana.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

17 Ngiyabathanda abangithandayo; nalabo abangifunisisayo, bayangifumana.

Gade chapit la Kopi




IzAga 8:17
22 Referans Kwoze  

UJesu waphendula wathi kuye: “Uma umuntu engithanda, uyakugcina amazwi ami, noBaba uyakumthanda;


Onemiyalo yami, ayigcine, nguyena ongithandayo; ongithandayo uyakuthandwa nguBaba, nami ngiyakumthanda, ngizibonakalise kuye.


Ngoba engithanda, ngakho ngizamsindisa; ngiyakumphakamisa, ngokuba elazi iGama lami.


Funani uJehova esekhona, nimbize eseseduze.


Ngalokho usho uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Ngishilo nokusho ukuthi indlu yakho nendlu kayihlo iyakuhamba phambi kwami kuze kube phakade; kepha Jehova muntu, makube kude nami; Ngokuba abangidumisayo ngiyakubadumisa, nabangidelelayo bayakuba-delelekile.


Thina siyamthanda, ngoba yena wasithanda kuqala.


Angikhulumanga ekusithekeni, endaweni emnyama yomhlaba; Angishongo enzalweni kaJakobe ukuthi: Ngifuneni ngeze; Mina, Jehova, ngikhuluma ubulungisa, ngimemezela ubulungisa.


Kodwa funani kuqala umbuso kaNkulunkulu lokulunga kwakhe; futhi zonke lezi zinto ziyakwenezelwa nina.


Uma noma ubani kini entula ukuhlakanipha, makacele kuNkulunkulu opha bonke ngobuhle, engasoli; njalo uzakuphiwa.


Ngokuba uBaba uqobo uyanithanda, ngokuba ningithandile nina, nakholwa ukuthi mina ngaphuma kuNkulunkulu.


Kodwa uJesu ekubona wathukuthela, wathi kubo: Vumelani abantwana abancane beze kimi, lingabenqabeli, ngoba umbuso kaNkulunkulu ungowabanjalo.


Khona bayakungibiza, kepha angiyikuphendula; bayongifuna ekuseni, kodwa ngeke baNgithole;


Cabanga ngoMdali wakho emihleni yobusha bakho, zingakafiki izinsuku ezimbi, ingasondeli iminyaka, uma uthi: Angithokozi ngayo;


Kwathi ngosuku lokugcina olukhulu lomkhosi uJesu wema wamemeza wathi: “Uma ekhona owomileyo, akeze kimi, aphuze.


Ngoba ngomnyaka wesishiyagalombili wokubusa kwakhe, esemncane, waqala ukufuna uNkulunkulu kaDavide uyise; ngomnyaka weshumi nambili waqala ukuhlambulula uJuda neJerusalema, wasusa izindawo eziphakemeyo, neziqu zemithi, nezithombe ezibaziweyo, nezithombe ezibunjiweyo.


Uma ubufuna njengesiliva, ubufuna njengengcebo efihliweyo;


Khona uyakuqonda ukumesaba uJehova, uthole ukumazi uNkulunkulu.


Ungamshiyi, futhi uyokugcina; mthande, futhi uyokugcina.


Izikhulu nezinduna zibusa ngami, bonke abahluleli bomhlaba.


Ngadlula kubo kancane, kepha ngamfumana othandwa ngumphefumulo wami; Ngambamba, angizange ngimyeke, ngaze ngamngenisa endlini kamama, ekamelweni lalowo owangithwala.


Ngokuba ingelosi yayiyehla ngezikhathi ezithile echibini, izamazamise amanzi;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite