Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzAga 7:1 - Contemporary Zulu Bible 2024

1 Ndodana yami, gcina amazwi ami, ugcine imiyalo yami kuwe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Ndodana yami, gcina amazwi ami, uzibekelele imiyalo yami.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 Ndodana yami, gcina amazwi ami, uzilondele imiyalelo yami.

Gade chapit la Kopi




IzAga 7:1
16 Referans Kwoze  

Ndodana yami, yizwa ukulaya kukayihlo, ungawushiyi umthetho kanyoko.


Ubusisiwe ofundayo, nabawezwayo amazwi alesi siprofetho, bagcine okulotshiweyo kuso, ngokuba isikhathi siseduze.


Kodwa yena wathi: Yebo kodwa kakhulu babusisiwe abalizwayo ilizwi likaNkulunkulu, baligcine.


Yathi kimi: “Bheka, ungakwenzi, ngokuba ngiyinceku kanye nawe, nabazalwane bakho abaprofethi, nabagcina amazwi ale ncwadi;


UJesu waphendula wathi kuye: “Uma umuntu engithanda, uyakugcina amazwi ami, noBaba uyakumthanda;


Khumbulani izwi engalikhuluma kini: Inceku ayinkulu kunenkosi yayo. Uma bengizingele mina, nani bayakunizingela; uma beligcinile izwi lami, bayakuligcina nelenu.


Ndodana yami, ungakhohlwa umthetho wami; kepha inhliziyo yakho mayigcine imiyalo yami.


Yamukela umthetho ophuma emlonyeni wakhe, ugcine amazwi akhe enhliziyweni yakho.


Kodwa esemhlabathini omuhle, yilabo abathi belizwile izwi, baligcine ngenhliziyo enhle nelungileyo, bathele izithelo ngokubekezela.


Futhi isiqalekiso, uma ningayilaleli imiyalo kaJehova uNkulunkulu wenu, kodwa niphambuka endleleni enginiyala ngayo namuhla ukulandela abanye onkulunkulu eningabazi.


Abahlakaniphileyo bayabuthelela ukwazi, kepha umlomo weziwula useduze nokubhujiswa.


Makungasuki emehlweni akho; zigcine enhliziyweni yakho.


Ndodana yami, gcina umyalo kayihlo, ungawushiyi umthetho kanyoko.


Ngeke acabangele ukuhlengwa; futhi ngeke aneliseke, ngisho noma umnika izipho eziningi.


Izinyawo zakhe zehlela ekufeni; izinyathelo zakhe zikhuphukela esihogweni.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite