Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzAga 6:15 - Contemporary Zulu Bible 2024

15 Ngakho-ke inhlekelele yakhe iyakufika ngokuzumayo; ngokuzumayo uyakwaphulwa angaphuluki.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Ngalokho ingozi yakhe iyakufika ngokuzumayo; ngokuphazima kweso uyakwaphulwa, kungabikho ukuphiliswa.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

15 Ngakho-ke uyokwehlelwa yinhlekelele engazelele; ngokuphazima kweso, uyobhubha angasindi.

Gade chapit la Kopi




IzAga 6:15
15 Referans Kwoze  

Futhi kumelwe uthi kubo: ‘Usho kanje uJehova Sebawoti; Kanjalo ngiyakuphahlaza laba bantu nalo muzi njengokuchoboza umbumbi ongenakuphiliswa futhi; futhi bayolingcwaba eThofeti kuze kungasekho indawo yokungcwaba.


Kodwa baziklolodela izithunywa zikaNkulunkulu, bawadelela amazwi akhe, bathuka abaprofethi bakhe, kwaze kwafika intukuthelo kaJehova ngabantu bakhe, kwaze kwangabangakho ukuphulukiswa.


Ngokuba nxa bethi: Ukuthula nokulondeka; khona-ke ukubhujiswa okuzumayo kubehlele, njengomhelo phezu kowesifazane okhulelweyo; njalo kabayikuphunyuka.


Lapho ukwesaba kwakho kufika njengencithakalo, nokubhujiswa kwakho kufika njengesivunguvungu; lapho usizi nosizi lukwehlela.


Ovame ukwenza lukhuni intamo yakhe ngokusolwa uyachithwa ngokuzumayo, kungabikho ukuphulukiswa.


Lalelani lokhu khathesi, lina elikhohlwa uNkulunkulu, ukuze ngingalidabula, njalo kungabi lamuntu osindisayo.


Ukufa makubafice, behlele esihogweni bephila, ngokuba ububi busezindlini zabo naphakathi kwabo.


Nami ngiyakuhleka ngenhlupheko yenu; ngiyakuklolodela ekufikeni kokwesaba kwenu;


Lezi zinto eziyisithupha uJehova azizondayo: yebo, eziyisikhombisa ziyisinengiso kuye.


Omubi uyaxoshwa ebubini bakhe, kepha olungileyo ulindela ukufa kwakhe.


Ngokuba olungileyo uyawa kasikhombisa abuye avuke, kepha ababi bayakuwela ebubini.


Ngokuba inhlekelele yabo iyakuvela ngokuzumayo; futhi ngubani owazi ukubhujiswa kwabo bobabili?


Lapho ngiprofetha, uPhelathiya indodana kaBenaya wafa. Ngawa ngobuso bami, ngamemeza ngezwi elikhulu, ngathi: “Awu, Nkosi Jehova! uyakuqeda insali yakwa-Israyeli na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite