Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzAga 4:23 - Contemporary Zulu Bible 2024

23 Qapha inhliziyo yakho ngakho konke ukukhuthala; ngoba kuyo kuvela imithombo yokuphila.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 Phezu kwakho konke okugcinayo, gcina inhliziyo yakho, ngokuba kuyilapho kuvela khona ukuphila.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

23 Gcina inhliziyo yakho kukho konke okulondayo, ngokuba yona ingumthombo wokuphila.

Gade chapit la Kopi




IzAga 4:23
21 Referans Kwoze  

Umuntu omuhle emfuyweni enhle yenhliziyo yakhe uveza okuhle; nomuntu omubi emfuyweni embi yenhliziyo yakhe ukhipha okubi, ngokuba umlomo wakhe ukhuluma ngokuchichima kwenhliziyo.


Olinda umlomo wakhe ulonda ukuphila kwakhe; kepha ovula kakhulu izindebe zakhe uyakuba nembubhiso.


Inhliziyo iyakhohlisa ngaphezu kwakho konke, nenhliziyo yonakele; ngubani ongakwazi?


Ngokuba enhliziyweni kuphuma imicabango emibi, ukubulala, ukuphinga, ubufebe, ukweba, ukufakaza amanga, ukuhlambalaza;


Lalela, ndodana yami, uhlakaniphe, uqondise inhliziyo yakho endleleni.


Owethemba kweyakhe inhliziyo uyisiwula; kodwa ohamba ngokuhlakanipha uyakusindiswa.


Lindani, nikhuleke, ukuze ningangeni ekulingweni. Umoya ulungile, kepha inyama ibuthakathaka.


Kuphela ziqaphele, ulonde umphefumulo wakho, ukuze ungakhohlwa akubonayo amehlo akho, kungasuki enhliziyweni yakho zonke izinsuku zokuhamba kwakho; kodwa uzifundise amadodana akho lamadodana amadodana akho;


nibhekisise kungabikho osilela umusa kaNkulunkulu; funa kumile impande yokubaba inikhathaze, kungcoliswe abaningi ngayo;


Ukuhlakanipha kuyinto ebaluleke kakhulu; ngakho-ke zuza ukuhlakanipha, futhi uzuze ukuqonda ngakho konke ukuqonda kwakho.


Ndodana yami, ungazivumeli zisuke ebusweni bakho; gcina ukuhlakanipha okuhle neseluleko.


Ameva nezingibe kusendleleni yababi; ogcina umphefumulo wakhe ukude nakho.


Owesifazane onomusa ulondoloza udumo, namadoda anamandla alondoloza inotho.


Kukhona ububi obukhulu engibubonile phansi kwelanga, ingcebo egcinelwe abaniniyo kube kubi kubo.


Kepha okuphuma emlonyeni kuphuma enhliziyweni; futhi ziyamngcolisa umuntu.


Kodwa uJehu akaqaphelanga ukuhamba ngayo yonke inhliziyo yakhe emthethweni kaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, ngoba akazange aphambuke ezonweni zikaJerobowamu onisa ngazo u-Israyeli.


Umendo wabaqotho ungukudeda ebubini; ogcina indlela yakhe ugcina umphefumulo wakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite