Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzAga 30:12 - Contemporary Zulu Bible 2024

12 Kukhona isizukulwane esihlambulukile emehlweni aso, kodwa esingagezwanga ekungcoleni kwaso.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Kukhona isizukulwane esimhlophe emehlweni aso, esingahlanzwanga ensileni yaso.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

12 Lesi yisizukulwane esizibona simsulwa emehlweni aso, esingahlanzwanga insila yaso.

Gade chapit la Kopi




IzAga 30:12
26 Referans Kwoze  

UmFarisi wema wazikhulekela ngokuthi: “Nkulunkulu, ngiyakubonga ngokuba ngingenjengabanye abantu, abaphangi, abangalungile, iziphingi, nanjengalo mthelisi.


Zonke izindlela zomuntu zihlanzekile emehlweni akhe; kepha uJehova uyalinganisa imimoya.


benesimo sokumesaba uNkulunkulu, kepha amandla ako bewaphika;


Kodwa uthi: Ngoba ngimsulwa, isibili ulaka lwakhe luzasuka kimi. Bheka, ngiyakulwa nawe, ngokuba uthi: Angonanga.


Kungengemisebenzi yokulunga esayenzayo thina, kodwa ngokwesihawu sakhe wasisindisa, ngesigezo sokuzalwa kutsha, nangokwenziwa basha ngoMoya oNgcwele;


Wathi kubo: “Nina ningabazishaya abalungileyo phambi kwabantu; kepha uNkulunkulu uyazazi izinhliziyo zenu, ngokuba lokho okuphakeme phakathi kwabantu kuyisinengiso emehlweni kaNkulunkulu.


Khona ngiyakufafaza amanzi ahlanzekileyo phezu kwenu, nihlambuluke; ngiyakunihlambulula kukho konke ukungcola kwenu nakubo bonke onkulunkulu benu abangcolileyo.


abathi: Yima wena, ungasondeli kimi; ngokuba mina ngingcwele kunawe. Kungumusi emakhaleni ami, umlilo ovutha usuku lonke.


Zonke izindlela zomuntu zilungile emehlweni akhe, kepha uJehova uhlola izinhliziyo.


Babenjalo abanye kini, kepha senagezwa, senangcweliswa, senalungisiswa egameni leNkosi uJesu Kristu nangoMoya kaNkulunkulu wethu.


Ngalolo suku kuyakuba khona umthombo endlini kaDavide nabakhileyo eJerusalema, wesono nowokungcola.


Jerusalema, geza inhliziyo yakho ebubini, ukuze usindiswe. Koze kube nini imicabango yakho eyize ihlala kini na?


Gezani, nihlanzeke; susani ububi bezenzo zenu phambi kwamehlo ami; yekani ukwenza okubi;


Ngihlanze ngehisopi, ngihlambuluke; ngigeze, ngibe mhlophe kuneqhwa.


Ngigezisise ebubini bami, ungihlanze esonweni sami.


Ngokuba uyazithopha emehlweni akhe, kuze kutholakale ububi bakhe buyizondo.


nakuJesu Kristu, ongufakazi othembekileyo, nezibulo kwabafileyo, nombusi wamakhosi omhlaba. Kuye owasithandayo nowasigeza ezonweni zethu ngegazi lakhe.


Ngihlanzekile, ngingenasiphambeko, anginacala; futhi akukho bubi kimi.


Wayesethi uMika: “Manje ngiyazi ukuthi uJehova uyakungenzela okuhle, ngokuba nginomLevi ongumpristi wami.”


Umuntu uMika wayenendlu yawonkulunkulu, wenza indwangu yamahlombe nezithixo zendlu, wangcwelisa enye yamadodana ayo ukuba abe ngumpristi wayo.


Mina-ke, nginguJehova uNkulunkulu wenu kwasezweni laseGibithe, ngisazakunihlalisa emadokodweni njengasezinsukwini zemikhosi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite