Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzAga 3:21 - Contemporary Zulu Bible 2024

21 Ndodana yami, ungazivumeli zisuke ebusweni bakho; gcina ukuhlakanipha okuhle neseluleko.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Ndodana yami, lokho makungasuki emehlweni akho, ugcine ukuhlakanipha namasu,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

21 Ndodana yami, makungasuki emehlweni akho, gcina ukuhlakanipha namasu,

Gade chapit la Kopi




IzAga 3:21
18 Referans Kwoze  

Le ncwadi yomthetho mayingasuki emlonyeni wakho; kodwa wozindla ngayo imini nobusuku, ukuze wenze ngokucophelela njengakho konke okulotshwe kuyo;


Makungasuki emehlweni akho; zigcine enhliziyweni yakho.


Kuphela ziqaphele, ulonde umphefumulo wakho, ukuze ungakhohlwa akubonayo amehlo akho, kungasuki enhliziyweni yakho zonke izinsuku zokuhamba kwakho; kodwa uzifundise amadodana akho lamadodana amadodana akho;


Kepha ukugcotshwa enakwemukela kuye kuhlala kini, anidingi ukuba ubani anifundise, nihlale kuye.


Khona uJesu wathi kumaJuda akholwe kuye: “Uma nimi ezwini lami, ningabafundi bami isibili;


Ugcinela olungileyo ukuhlakanipha okupheleleyo; Uyisihlangu kwabahamba ngobuqotho.


Ngakho-ke lokho enakuzwa kusukela ekuqaleni makuhlale kini. Uma lokho enakuzwa kwasekuqaleni kuhlala kini, nani niyohlala eNdodaneni nakuBaba.


Ukunika abangenalwazi ubuqili, abasha ulwazi nokweluleka.


Ukuze ucabangele iseluleko nezindebe zakho zilondoloze ukwazi.


Iseluleko singesami nokuhlakanipha okuphelele; Nginengqondo; Nginamandla.


Ngesifiso udinga umuntu ozahlukanisayo, ogxambukela kukho konke ukuhlakanipha.


Ungamshiyi, futhi uyokugcina; mthande, futhi uyokugcina.


Ozuza ukuhlakanipha uthanda umphefumulo wakhe; ogcina ukuqonda uyakufumana okuhle.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite