Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzAga 23:23 - Contemporary Zulu Bible 2024

23 Thenga iqiniso, ungalithengisi; nokuhlakanipha nesiyalo nokuqondisisa.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 Thenga iqiniso, ungathengisi ngalo, nokuhlakanipha, nokulaywa, nokuqonda.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

23 Thengisisa iqiniso, ukuhlakanipha, ukuyalwa, nokuqonda, ungathengisi ngakho.

Gade chapit la Kopi




IzAga 23:23
19 Referans Kwoze  

Inhliziyo yabahlakaniphileyo izuza ukwazi; nendlebe yabahlakaniphileyo ifuna ukwazi.


Futhi umbuso wezulu ufana nengcebo efihlwe ensimini; okuthi lapho umuntu eseyitholile, wayifihla, futhi ngenxa yokujabula kwayo wahamba wathengisa ngakho konke anakho, wayithenga leyo nsimu.


Umthetho womlomo wakho muhle kimi kunezinkulungwane zegolide nesiliva.


Yeka ukuthi kungcono kangakanani ukuzuza ukuhlakanipha kunegolide! futhi ukuzuza ukuqonda kungcono kukhethwe kunesiliva!


wathi ukuthukwa kukaKristu kuyingcebo enkulu kunengcebo yaseGibithe, ngokuba wayebheke umvuzo.


Awu, wonke owomileyo uyeza emanzini, nongenamali; wozani nithenge, nidle; yebo, wozani nithenge iwayini nobisi ngaphandle kwemali nangaphandle kwentengo.


Izaga zikaSolomoni. Indodana ehlakaniphileyo ijabulisa uyise, kepha indodana eyisiwula ingumthwalo kanina.


Ngalokho ngiyathanda imiyalo yakho kunegolide; yebo, ngaphezu kwegolide elihle.


Ngiyakululeka ukuba uthenge kimi igolide elicwengisiswe emlilweni, ukuze ucebe; nezingubo ezimhlophe, ukuze wembathe, kungabonakali ihlazo lobunqunu bakho; nomuthi wamehlo uwugcobe amehlo akho, ukuze ubone.


Ngokuba kuyakumsizani umuntu, uma ezuza izwe lonke, onakalelwe ukuphila kwakhe, na? Yingabe uyakukhiphani umuntu, kube yisihlengo sokuphila kwakhe, na?


Kwathi eselitholile iparele linye elinenani elikhulu, waya wathengisa ngakho konke anakho, walithenga.


Kungani kukhona umvuzo esandleni sesiwula ukuze sizuze ukuhlakanipha, njengoba singenanhliziyo yakho?


Bona bamehlula ngegazi leWundlu langezwi lobufakazi babo; futhi abakuthandanga ukuphila kwabo kwaze kwaba sekufeni.


ngaphandle kokuthi uMoya oNgcwele uyafakaza emizini ngemizi, ethi izibopho nezinhlupheko zingilindile.


Ungamkhuzi umdeleli, funa akuzonde; khuza ohlakaniphileyo, uyakukuthanda.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite