Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzAga 21:21 - Contemporary Zulu Bible 2024

21 Ophishekela ukulunga nesihawu uthola ukuphila nokulunga nodumo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Olandela ukulunga nomusa uyafumana ukuphila, nokulunga, nodumo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

21 Olandela ukulunga nokwethembeka ufumana ukuphila, ukulunga, nodumo.

Gade chapit la Kopi




IzAga 21:21
19 Referans Kwoze  

Babusisiwe abalambele, bomele ukulunga, ngokuba bayakusuthiswa.


Ngakho-ke, bazalwane bami abathandekayo, yibani ngabagxilile, abangaxegiyo, abavame njalo emsebenzini weNkosi, nazi ukuthi ukusebenza kwenu akusilo ize eNkosini.


Ngokuthobeka nokumesaba uJehova kuyingcebo nodumo nokuphila.


Landelani ukuthula nabantu bonke, nokungcweliswa, okungekho muntu oyobona iNkosi ngaphandle kwakho;


Kodwa wena muntu kaNkulunkulu, zibaleke lezizinto; futhi ulandele ukulunga, ukwesaba uNkulunkulu, ukholo, uthando, ukubekezela, ubumnene.


Indlela yomubi iyisinengiso kuJehova, kepha uyamthanda ophishekela ukulunga.


Kepha balekela izinkanuko zobusha, kepha ulandele ukulunga, nokukholwa, nothando, nokuthula kanye nabakhuleka eNkosini ngenhliziyo emhlophe.


Ngilaleleni nina eniphishekela ukulunga nina enifuna uJehova; bhekani idwala enaqoshwa kulo nomthombo womgodi enambiwa kuwo.


ukuze ukuvivinywa kokholo lwenu, okuligugu kakhulu kunegolide elibhubhayo, nakuba livivinywa ngomlilo, kufunyanwe kube yindumiso nodumo nenkazimulo ekubonakaleni kukaJesu Kristu;


Ngakho-ke kasilandeleni izinto eziletha ukuthula lezinto esingakhana ngazo.


Hlolani izinto zonke; bambelelani kokuhle.


Kungabi njengokuba sengikutholile, noma sengiphelele, kodwa ngiphuthuma ukuba ngikubambe lokho nami engibanjelwe kona nguKristu Jesu.


Khona sizokwazi uma sifuna ukumazi uJehova; ukuphuma kwakhe sekulungile njengokusa; futhi uyofika kithi njengemvula, njengemvula yamuva neyokuqala emhlabeni.


Kuyakuba-ngukuphila emphefumulweni wakho, nomusa entanyeni yakho.


Ngokuba abaqotho, ukukhanya kuyaphuma ebumnyameni; Unomusa futhi ugcwele uzwelo futhi unobulungisa.


Umshikashika wolungileyo uholela ekuphileni, isithelo somubi siholela esonweni.


Njengobe ukulunga kuholela ekuphileni, kanjalo nophishekela okubi ulandela kuze kube sekufeni kwakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite