Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzAga 19:23 - Contemporary Zulu Bible 2024

23 Ukumesaba uJehova kungukuphila, kepha onakho uyakwaneliswa; akayikuhanjelwa ngobubi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 Ukumesaba uJehova kungokokuphila; onakho uhlezi anelisiwe, akahanjelwa ngububi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

23 Ukumesaba uSimakade kuholela ekuphileni; onakho uhlala enelisiwe, akehlelwa ngokubi.

Gade chapit la Kopi




IzAga 19:23
28 Referans Kwoze  

Babusisiwe abalambele, bomele ukulunga, ngokuba bayakusuthiswa.


Akukho okubi okuyokwehlela olungileyo, kepha ababi bayogcwala ububi.


Usisuthise ekuseni ngomusa wakho; ukuze sithokoze, sithokoze zonke izinsuku zethu.


Ngokuba ukuqeqesha umzimba kusiza kancane, kepha ukumesaba uNkulunkulu kusiza ezintweni zonke, kunesithembiso salokhukuphila, nalokho okuzayo.


Ukumesaba uJehova kwandisa izinsuku, kepha iminyaka yababi iyafinyezwa.


Kepha umusa kaJehova ukhona kwabamesabayo kusukela phakade kuze kube phakade, nokulunga kwakhe kubantwana babantwana;


Ngempela, insindiso yakhe iseduze kwabamesabayo; ukuze inkazimulo ihlale ezweni lakithi.


Njalo siyazi ukuthi konke kusebenzelana kube ngokuhle kwabamthandayo uNkulunkulu, ababiziweyo ngecebo lakhe.


Kepha kinina enesaba igama lami, ilanga lokulunga liyakuphuma linokuphilisa phansi kwamaphiko alo; niyophuma nikhule njengamankonyane esibayeni.


Ngizomanelisa ngezinsuku ezinde futhi ngimenze abone insindiso yami.


Umphefumulo wakhe uyakuhlala ngokuthula; nenzalo yakhe iyakudla ifa lomhlaba.


INkosi iyakungikhulula kuyo yonke imisebenzi emibi, ingilondolozele embusweni wayo wasezulwini: makube kuyo inkazimulo kuze kube phakade naphakade. Amen.


Ukumesaba uJehova kuhlanzekile, kumi phakade; izahlulelo zikaJehova ziqinisile futhi zilungile.


Khona ibandla lathola ukuphumula kulo lonke elaseJudiya, naseGalile, naseSamariya, lisakheka. Behamba ekwesabeni iNkosi, landa ngenduduzo kaMoya oNgcwele.


Akuyikwehlelwa okubi, nesifo asiyikusondela etendeni lakho.


Njengobe ukulunga kuholela ekuphileni, kanjalo nophishekela okubi ulandela kuze kube sekufeni kwakhe.


Isifiso somuntu singumusa wakhe, kepha ompofu ungcono kunomuntu onamanga.


Lapho ulala, ungesabi; yebo, uyolala, futhi ubuthongo bakho buyoba mnandi.


Ngokuthobeka nokumesaba uJehova kuyingcebo nodumo nokuphila.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite