Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzAga 19:21 - Contemporary Zulu Bible 2024

21 Kunamacebo amaningi enhliziyweni yomuntu; nokho icebo likaJehova liyakuma.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Kukhona amacebo amaningi enhliziyweni yomuntu, kepha isiluleko sikaJehova siyakuma.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

21 Kukhona amacebo amaningi enhliziyweni yomuntu, kepha inhloso kaSimakade iyokuma.

Gade chapit la Kopi




IzAga 19:21
32 Referans Kwoze  

Inhliziyo yomuntu iceba indlela yakhe, kepha uJehova uqondisa izinyathelo zakhe.


UJehova Sebawoti wafunga wathi: “Impela njengokucabanga kwami kuyakuba njalo; njengalokho ngihlosile, kuyakuma kanjalo;


Ukuzindla kwenhliziyo kumuntu, nempendulo yolimi ivela kuJehova.


ngimemezele isiphetho kwasekuqaleni nasendulo izinto ezingakenziwa, nithi: Isiluleko sami siyakuma, ngenze yonke intando yami;


Akukho kuhlakanipha, nokuqonda, nasiluleko esingamelana noJehova.


kuye futhi sazuza ifa kuye, esamiselwa ngaphambili ngokwenjongo yalowo osebenza zonke izinto ngokwecebo lentando yakhe;


Kodwa yena ungqondonye, ngubani ongambuyisa? nalokho umphefumulo wakhe okufisayo, uyakwenza.


Inhliziyo yenkosi isesandleni sikaJehova njengemifula yamanzi; Uyiphendulela lapho ethanda khona.


Bheka, lokhu kuphela engikutholile, ukuthi uNkulunkulu wamenza umuntu waqonda; kodwa bafuna izinto eziningi eziqanjiwe.


Futhi bonke abakhileyo emhlabeni babhekwa njengento engelutho; futhi wenza njengentando yakhe ebandleni lasezulwini naphakathi kwabakhileyo emhlabeni; akakho ongabamba isandla sakhe, athi kuye: ‘Wenzani na?’


Ngokuba baceba okubi ngawe, baceba icebo elibi abangenakulenza.


netshe lokukhubekisa, nedwala lokuwisa, kwabakhubekayo ngezwi ngokungalilaleli, ababemiselwe lokho futhi.


Kepha nina, nangicambela okubi; kepha uNkulunkulu wakuceba kwaba kuhle ukuba kwenziwe, njenganamuhla, ukugcina abantu abaningi bephila.


Umuntu omuhle uthola umusa kuJehova, kepha umuntu onamacebo amabi uyakumlahla.


Ngokuba sekungene ngokunyenya abantu abathile, abamiselwa ngaphambili lokhukulahlwa ngaphambili, abangamesabi uNkulunkulu, abaphendula umusa kaNkulunkulu wethu ube ngamanyala, bephika uMbusi oyedwa uNkulunkulu wethu, neNkosi yethu uJesu Kristu.


Kodwa lapho u-Esteri efika phambi kwenkosi, yayala ngezincwadi ukuba icebo lakhe elibi alicebile ngamaJuda libuyele ekhanda lakhe, futhi yena namadodana akhe baphanyekwe esigxotsheni.


Bathi: “Wozani, sibaqothule, babe yisizwe; ukuze igama lika-Israyeli lingabe lisakhunjulwa.


Isifiso somuntu singumusa wakhe, kepha ompofu ungcono kunomuntu onamanga.


“ ‘Lesi siyakuba yisibonakaliso kini,’ usho uJehova, ‘ukuthi ngiyakunijezisa kule ndawo ukuba nazi ukuthi amazwi ami ayakuma amelane nani kube kubi.’


U-Abisalomu nawo onke amadoda akwa-Israyeli bathi: “Iseluleko sikaHushayi um-Arki singcono kuneseluleko sika-Ahithofeli. Ngokuba uJehova wanquma ukuchitha iseluleko esihle sika-Ahithofeli, ngenjongo yokuthi uJehova uzomehlisela okubi u-Abisalomu.


Futhi okufika enhliziyweni yenu akuyikuba-khona nhlobo, ukuthi nithi: Siyakuba njengezizwe, njengezizukulwane zamazwe, ukukhonza imithi namatshe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite