Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzAga 18:5 - Contemporary Zulu Bible 2024

5 Kakukuhle ukwamukela ubuso bomubi, ukuwisa olungileyo ekwahluleleni.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Ukukhetha ubuso bomubi ukuba olungileyo aphambukiswe ekwahlulelweni akukuhle.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 Akulungile ukwenzelela isikhohlakali, nokuba olungileyo ahlanekezele ukwehlulela.

Gade chapit la Kopi




IzAga 18:5
20 Referans Kwoze  

Ningenzi okubi enkantolo; ungahloniphi ubuso bompofu, ungahloniphi umuntu onamandla; kodwa kufanele wahlulele umakhelwane wakho ngobulungisa.


Ukuhlonipha umuntu akukuhle, ngoba ngenxa yeqatha lesinkwa umuntu uyophambuka.


Ungachithi ukwahlulela; awuyikubanaka abantu, ungamukeli isipho, ngokuba isipho siphuphuthekisa amehlo abahlakaniphileyo, siphendukezela amazwi abalungileyo.


Koze kube nini nahlulela ngokungenabulungisa futhi nijabulisa abantu ababi? Sela.


Lezi zinto zingezabahlakaniphileyo. Kakukuhle ukukhetha abantu ekwahluleleni.


Othethelela omubi, nolahla olungileyo, bayisinengiso kuJehova bobabili.


Bathuma kuye abafundi babo kanye nabakaHerode, bathi: “Mfundisi, siyazi ukuthi uqinisile, ufundisa indlela kaNkulunkulu ngeqiniso, awukhathali ngamuntu, ngokuba awubheki ubuso babantu.


olungisisa omubi ukuze azuze, asuse ukulunga kolungileyo kuye!


Kangakanani-ke ngongamukeli ubuso bezikhulu, futhi ongabheki ocebile kunompofu? ngoba bonke bangumsebenzi wezandla zakhe.


Ukuze benze okubi ngezandla zombili, kucela isikhulu, nomahluleli acele umvuzo; futhi umuntu omkhulu, ukhuluma isifiso sakhe esesabekayo; ngakho bayayivala.


Futhi umthetho uhlehlile, nobulungisa bumi kude, ngokuba iqiniso liwile ezitaladini, nokulunga akunakungena.


Ungalandeli isixuku ukwenza okubi; futhi ngeke ukhulume ukwenqaba ngemva kwabaningi ukubhubhisa ukwahlulela.


Ungalichithi ilungelo lompofu wakho ecaleni lakhe.


Futhi akukuhle ukujezisa olungileyo, nokuchitha izikhulu ngenxa yobuqotho.


funa banathe, bakhohlwe umthetho, baphendukezele isahlulelo sanoma yimuphi wabampofu.


Yizwani lokhu nina zinhloko zendlu kaJakobe nababusi bendlu ka-Israyeli eninengwa yikulunga, niphendukezela konke ukulunga.


Futhi ungafakazi ompofu ecaleni lakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite