Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzAga 18:4 - Contemporary Zulu Bible 2024

4 Amazwi omlomo womuntu anjengamanzi ajulileyo, nomthombo wokuhlakanipha njengomfula ogobhozayo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Amazwi omlomo womuntu anjengamanzi ajulileyo, nomfula ogobhozayo, nomthombo wokuhlakanipha.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 Amazwi omlomo womuntu anjengamanzi ajulileyo, nomfula ogobhozayo, nomthombo wokuhlakanipha.

Gade chapit la Kopi




IzAga 18:4
11 Referans Kwoze  

Iseluleko enhliziyweni yomuntu sinjengamanzi ajulileyo; kepha umuntu onengqondo uyakulikhipha.


Umlomo wolungileyo ungumthombo wokuphila, kepha ubudlova busibekela umlomo wababi.


Ukukhuluma kwenu makube nomusa njalo, kuyolisiwe ngosawoti, ukuze nazi enifanele ukubaphendula ngakho bonke abantu.


Kepha lowo ophuza amanzi engiyakumnika wona kasayikoma naphakade; kodwa amanzi engizamnika wona azakuba kuye umthombo wamanzi aphuphumayo empilweni elaphakade.


Umthetho wohlakaniphileyo ungumthombo wokuphila, ukuze kusukwe ezingibeni zokufa.


Izwi likaKristu malihlale kini ngokucebile kukho konke ukuhlakanipha; nifundisana, niyalane ngamahubo, nangezihlabelelo, nangamaculo okomoya, nihubele ngomusa ezinhliziyweni zenu iNkosi.


Nzalo yezinyoka, ningakhuluma kanjani okuhle nibabi na? ngokuba umlomo ukhuluma ngokuchichima kwenhliziyo.


Ngiyakuwuvula umlomo wami ngomfanekiso, ngikhulume amazwi amnyama asendulo;


Ukuqonda kungumthombo wokuphila konakho, kepha ukulaya kweziwula kungubuwula.


Lapho omubi efika, kufika indelelo kanye nehlazo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite