Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzAga 17:3 - Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ikhanzi ngeyesiliva, nesithando ngesegolide, kepha uJehova uhlola izinhliziyo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Ukhamba lokuncibilikisela lungolwesiliva, nesithando ngesegolide, kepha ovivinya izinhliziyo nguJehova.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 Ukhamba lokuncibilikisela lungolwesiliva, nesithando somlilo ngesegolide, kepha nguSimakade ovivinya izinhliziyo.

Gade chapit la Kopi




IzAga 17:3
21 Referans Kwoze  

Bheka, ngikucwengisisile, kodwa hhayi ngesiliva; Ngakukhetha esithandweni sokuhlupheka.


Mina, Jehova, ngihlola inhliziyo, ngivivinya izinso, ukuze nginike, kube yilowo nalowo njengezindlela zakhe, njengokwezithelo zezenzo zakhe.


Ngihlole, Jehova, ungivivinye; vivinya izinso zami nenhliziyo yami.


Njengekhanzi ngesiliva, nesithando ngegolide; unjalo umuntu ekudunyisweni kwakhe.


ukuze ukuvivinywa kokholo lwenu, okuligugu kakhulu kunegolide elibhubhayo, nakuba livivinywa ngomlilo, kufunyanwe kube yindumiso nodumo nenkazimulo ekubonakaleni kukaJesu Kristu;


Ngiyazi futhi, Nkulunkulu wami, ukuthi uhlola inhliziyo futhi ujabulela ubuqotho. Mina-ke, ngobuqotho benhliziyo yami nganikela ngokuzithandela zonke lezi zinto; manje ngibonile ngokuthokoza abantu bakho abakhona lapha, bevuma ukuhlabela kuwe.


Ngokuba wena, Nkulunkulu, usivivinyile; Usivivinyile njengokuvivinywa kwesiliva;


Njalo ngizabulala abantwana bakhe ngokufa; namabandla onke ayakwazi ukuthi mina nginguye ohlola izinso nezinhliziyo;


Ngizadabula inxenye yesithathu emlilweni, zincibilike njengokucwengisiswa kwesiliva, ngizihlole njengokuvivinywa kwegolide; bayakubiza igama lami, ngibazwe; ngiyakuthi: Laba bayizingelosi. Abantu bami: futhi bayakuthi: UJehova unguNkulunkulu wami.


Ngihlole, Nkulunkulu, wazi inhliziyo yami; ngivivinye, wazi imicabango yami.


Indawo yabafileyo nencithakalo kuphambi kukaJehova; kakhulu kangakanani kunezinhliziyo zabantwana babantu?


Inceku ehlakaniphileyo iyobusa phezu kwendodana ehlazisayo, futhi iyoba nesabelo sefa phakathi kwabafowabo.


Ndodana yomuntu, indlu ka-Israyeli isiphenduke igwebu kimi; konke kuyithusi nethini nensimbi nomthofu phakathi kwesithando; bangamagwala esiliva.


Abanye kwabahlakaniphileyo bayakuwa ukubavivinya, abahlambulule, abenze mhlophe kuze kube yisikhathi sokuphela, ngokuba kusengokwesikhathi esimisiweyo.


Woyikhumbula yonke indlela uJehova uNkulunkulu wakho akuholile ngayo le minyaka engamashumi amane ehlane ukuba akuthobise, akuvivinye, azi okusenhliziyweni yakho, uma uthanda ukugcina imiyalo yakhe noma qha.


owakupha ehlane imana oyihlo ababengayazi, ukuba akuthobise, akuvivinye, akwenzele okuhle ekupheleni kwakho;


Kodwa uyayazi indlela engihamba ngayo; uma engilinga, ngiyophuma njengegolide.


Impela kukhona umthambo wesiliva nendawo yegolide lapho abalicwenga khona.


Zonke izindlela zomuntu zihlanzekile emehlweni akhe; kepha uJehova uyalinganisa imimoya.


Zonke izindlela zomuntu zilungile emehlweni akhe, kepha uJehova uhlola izinhliziyo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite