Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzAga 14:21 - Contemporary Zulu Bible 2024

21 Odelela umakhelwane wakhe uyona; kepha ohawukela abampofu, ubusisiwe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Odelela umakhelwane wakhe uyona, kepha onomusa kwabampofu ubusisiwe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

21 Owedelela umakhelwane wakhe uyona, kodwa lowo onomusa kwabampofu ubusisiwe.

Gade chapit la Kopi




IzAga 14:21
28 Referans Kwoze  

Opha abampofu kayikuswela; kepha ovala amehlo akhe uyakuba neziqalekiso eziningi.


Ohawukela ompofu uboleka uJehova; lalokho amnike khona uzakumbuyisela khona.


Ongenakuhlakanipha uyadelela umakhelwane wakhe, kepha umuntu onengqondo uyazithulela.


Oklolodela ompofu usola uMenzi wakhe; futhi lowo ojabulela izinhlekelele ngeke angajeziswa.


Ocindezela ompofu usola uMenzi wakhe; kepha omdumisayo uhawukela abampofu.


Ukuze ningavilaphi, kodwa nilingise labo abathi ngokholo nangokubekezela badla ifa lezithembiso.


Kukho konke nginibonisile, ukuthi ngokushikashikeka kanje kufanele nisize ababuthakathaka, nikhumbule amazwi eNkosi uJesu, ukuthi yathi: ‘Kubusisekile ukupha kunokwamukela.’


Ngakho-ke, nkosi, makwamukeleke iseluleko sami kuwe, wephule izono zakho ngokwahlulela nobubi bakho ngokuhawukela abampofu; uma kungase kube ukunwetshwa kokuthula kwakho.


Lapho omubi efika, kufika indelelo kanye nehlazo.


Wahlakaza, wapha abampofu; ukulunga kwakhe kuhlala kuze kube phakade; uphondo lwakhe luyophakama ngodumo.


Umuntu omuhle uyahawukela, atsheleke; Uzoqhuba izindaba zakhe ngokuxoxa.


Ngokuba akadelelanga, akanengwanga ukuhlupheka kwabadabukileyo; futhi akamfihlelanga ubuso bakhe; kodwa lapho embiza, wezwa.


Wasekhuluma lumfanekiso kwabathile ababezithemba ukuthi balungile, bedelela abanye;


Umphefumulo womubi ufisa okubi, umakhelwane wakhe katholi umusa emehlweni akhe.


Lowo owandisa impahla yakhe ngenzalo nangenzuzo engalungile, kumelwe ayiqoqele lowo ohawukela abampofu.


Qaphela ukuba kungabikho umcabango omubi enhliziyweni yakho othi: Unyaka wesikhombisa, umnyaka wokukhululwa, useduze; iso lakho libe libi kumfowenu ompofu, ungamniki lutho; wabiza uJehova ngani, kube yisono senu.


Oleso eligcweleyo uzabusiswa; ngoba upha abayanga isinkwa sakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite