Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzAga 14:10 - Contemporary Zulu Bible 2024

10 Inhliziyo iyakwazi umunyu wayo; nomfokazi akamxubi nenjabulo yakhe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Inhliziyo iyazi ubumunyu bayo; umfokazi akahlanganyeli intokozo yayo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

10 Inhliziyo iyabazi ubuhlungu bayo, kodwa umfokazi akanakuhlanganyela entokozweni yayo.

Gade chapit la Kopi




IzAga 14:10
20 Referans Kwoze  

Ukuthula kukaNkulunkulu okudlula ukuqonda konke kuyakulondoloza izinhliziyo zenu nemicabango yenu kuKristu Jesu.


Umoya womuntu uyakugcina ukugula kwakhe; kodwa umoya olimele ngubani ongawuthwala?


Inhliziyo ethokozayo yenza ubuso bube buhle, kodwa ngokudabuka kwenhliziyo umoya uyachotshozwa.


Umphefumulo wami ukhathele ukuphila kwami; ngiyakushiya kimi isikhalo sami; Ngizokhuluma ngomunyu womphefumulo wami.


Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni; Onqobayo ngiyakumnika ukuba adle imana elifihliweyo, ngimnike itshe elimhlophe, nasetsheni igama elisha elilotshiwe, elingaziwa muntu, kuphela owemukelayo.


Eningambonanga niyamthanda; enikholwa kuye, nakuba ningamboni manje, nithokoza ngentokozo engakhulumekiyo negcwele inkazimulo;


Angiyikunishiya niyizintandane; ngiyakuza kini.


Ngakho-ke angiyikubamba umlomo wami; Ngiyakukhuluma ekuhluphekeni komoya wami; ngiyakukhononda ngomunyu womphefumulo wami.


Wayenomunyu emphefumulweni, wakhuleka kuJehova, wakhala kamunyu.


Kalokhu umphefumulo wami ukhathazekile; futhi ngizothini? Baba, ngisindise kulelihora, kodwa ngenxa yalokhu ngize kuleli hora.


UMoya wangiphakamisa, wangisusa; ngahamba nginomunyu ekushiseni komoya wami; kepha isandla sikaJehova sasinamandla phezu kwami.


Imfihlo kaJehova ikulabo abamesabayo; futhi uyobazisa isivumelwano sakhe.


Akavumi ukuba ngiphefumule, kepha uyangigcwalisa ngomunyu.


Esefikile kumuntu kaNkulunkulu entabeni, wambamba ezinyaweni; kodwa uGehazi wasondela ukuze amsunduze. Wayesethi umuntu kaNkulunkulu: “Makame; ngokuba umphefumulo wakhe ukhathazekile phakathi kwakhe, uJehova ungifihlele, kazange akwazise kimi.


UJesu waphendula wathi kuye: “Uma umuntu engithanda, uyakugcina amazwi ami, noBaba uyakumthanda;


Base bethi omunye komunye: “Impela sinecala ngomfowethu, ngokuba sabona usizi lomphefumulo wakhe lapho esincenga, kepha asilalelanga; ngakho-ke lolu sizi lusehlele.


Omunye ufa enomunyu womphefumulo wakhe, engadli ngokujabula.


UHana waphendula wathi: “Hhayi, nkosi yami, ngingowesifazane onomoya odabukileyo; angiphuzanga iwayini naphuzo olunamandla, kepha ngathulula umphefumulo wami phambi kukaJehova.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite