Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzAga 13:4 - Contemporary Zulu Bible 2024

4 Umphefumulo wevila uyafisa, kepha awunalutho, kepha umphefumulo wabakhutheleyo uyakhuluphala.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Umphefumulo wevila uyafisa, ungatholi lutho, kepha imiphefumulo yabakhutheleyo iyakhuluphaliswa.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 Umphefumulo wevila uyafisa ungatholi lutho, kepha imiphefumulo yabakhutheleyo iyakuneliswa.

Gade chapit la Kopi




IzAga 13:4
26 Referans Kwoze  

Isandla sabakhutheleyo siyabusa, kepha ivila liyakutheliswa.


Olima umhlabathi wakhe uyosutha ngesinkwa;


Osebenza ngesandla esibuthakathaka uba mpofu, kepha isandla sabakhutheleyo siyacebisa.


Umphefumulo ophanayo uyokhuluphala, noniselayo uyophuziswa yena.


Ozidlayo uyavusa ukuxabana, kepha owethemba uJehova uyakhuluphaliswa.


Sifisa ukuthi yilowo nalowo kini akubonakalise lokho kukhuthala, kube yisiqinisekiso esigcwele sethemba kuze kube sekupheleni.


Ningasebenzeli ukudla okuphelayo, kodwa ukudla okuhlala kuze kube ngukuphila okuphakade, eyonipha khona iNdodana yomuntu;


Ubusisiwe umuntu ongilalelayo, olinda emasangweni ami imihla yonke, alinde ezinsikeni zeminyango yami.


UJehova uyakukuhola njalo, asuthise umphefumulo wakho endaweni yokomisa, akhuluphalise amathambo akho; futhi uyoba njengensimu eniselwayo nanjengomthombo omanzi awo anganqamuki.


Ivila lithi: Kukhona ingonyama endleleni; ingonyama isemigwaqweni.


Basayothela izithelo nasebudaleni; bayakuba zikhuluphele, bopha;


Ngubani ongabala uthuli lukaJakobe, nenani lesine lika-Israyeli na? Mangife ukufa kolungileyo, ukugcina kwami kube njengokwakhe!


Yana entuthwaneni, vila; bheka izindlela zayo, uhlakaniphe.


Ivila aligazisi lokho elikubambile ekuzingeleni, kodwa impahla yomuntu okhuthele iyigugu.


Olinda umlomo wakhe ulonda ukuphila kwakhe; kepha ovula kakhulu izindebe zakhe uyakuba nembubhiso.


Olungileyo uyawazonda amanga, kepha omubi uyisinengiso, uhlazeka.


Ivila aliyikulima ngenxa yamakhaza; ngalokho iyakucela ngesikhathi sokuvuna, ingatholi lutho.


Imicabango yabakhutheleyo iba yichichima kuphela; kodwa wonke ophangisayo uswela kuphela.


Isifiso sevila siyalibulala; ngoba izandla zakhe ziyala ukusebenza.


Ngalolo suku izinceku zika-Isaka zafika, zamtshela ngomthombo ezaziwumbile, zathi kuye: “Sithole amanzi.”


Abuyela kuJoshuwa, athi kuye: “Mabangakhuphuki bonke abantu; kodwa makukhuphuke amadoda angaba yizinkulungwane ezimbili noma ezintathu, alichithe i-Ayi; mabangasebenzi khona bonke abantu; ngoba bayingcosana.


Ngadabula ezweni levila nasesivini sohlakaniphileyo;


Bheka, wawugcwele ameva wonke, amakhakhasi emboze ubuso bawo, nogange lwawo lwamatshe lwalubhidlikile.


Ngakhumula ingubo yami; ngizoyigqoka kanjani ngigeze izinyawo zami; ngingabangcolisa kanjani na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite