Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzAga 13:3 - Contemporary Zulu Bible 2024

3 Olinda umlomo wakhe ulonda ukuphila kwakhe; kepha ovula kakhulu izindebe zakhe uyakuba nembubhiso.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Olinda umlomo wakhe ugcina ukuphila kwakhe; okhamisa izindebe zakhe uyakuba nencithakalo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 Oqaphela akushoyo ulonda impilo yakhe; uphoshozwayo uyobhubha.

Gade chapit la Kopi




IzAga 13:3
18 Referans Kwoze  

Ogcina umlomo wakhe nolimi lwakhe ulonda umphefumulo wakhe ezinsizini.


Ukufa nokuphila kusemandleni olimi, nabaluthandayo bayakudla isithelo salo.


Umlomo wesiwula uyincithakalo yaso, nezindebe zaso ziwugibe lomphefumulo waso.


Kumholi wokuhlabelela, kuze kufike kuJeduthuni, ihubo likaDavide. Ngathi: “Ngiyakuqaphela izindlela zami, ukuze ngingoni ngolimi lwami; Ngizolinda umlomo wami ngetomu lapho omubi ephambi kwami.


Ebuningini bamazwi isono asintuli, kepha obamba izindebe zakhe uhlakaniphile.


Ohambahamba ehleba uyembula izimfihlakalo; ngakho-ke ungaphambanisi nalowo othophayo ngezindebe zakhe.


Uma umuntu phakathi kwenu ecabanga ukuthi unokholo, engalubambi ngetomu ulimi lwakhe, ekhohlisa eyakhe inhliziyo, ukukholwa kwalowo kuyize.


Omubi ubanjwa ngesiphambeko sezindebe zakhe, kepha olungileyo uyaphuma ekuhluphekeni.


Gcina ulimi lwakho ebubini nezindebe zakho enkohliso.


Jehova, beka umlindi phambi komlomo wami; vala umnyango emlonyeni wami.


Abahlakaniphileyo bayabuthelela ukwazi, kepha umlomo weziwula useduze nokubhujiswa.


Umphefumulo wevila uyafisa, kepha awunalutho, kepha umphefumulo wabakhutheleyo uyakhuluphala.


Wathi kuye: “Uma bengibopha ngamagoda amasha, angakaze abanjwe, ngiyakuba buthakathaka, ngibe njengomunye umuntu.”


wamtshela inhliziyo yakhe yonke, wathi kuye: “Akuzange kufinyelelwe mpuco ekhanda lami; ngoba ngangingumNaziri kaNkulunkulu kwasesizalweni sikamama.


Ohlakaniphile ngenhliziyo uyakwamukela imiyalo, kepha isiwula esitshiyozayo siyakuwa.


Emlonyeni weziwula kukhona induku yokuziqhenya, kepha izindebe zabahlakaniphileyo ziyabalondoloza.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite